Kusolwa ukuthi liphelelwe ngamabhuleki seliyqeda intaba lagingqika
SKHOSIPHI MTHEMBU
UQHUBEKE sekumuncu umshado kushona impelesi kamakoti egingqike nebhasi izolo ngeSonto, eJozini beli-bangise emshadweni oPhongolo. Kubikwa ukuthi ibhasi ebithwele inqwaba yabantu abebesuka KwaSkhemelele, KwaMhlabuyalingana bebheke oPhongolo, igingqike kwashona impelesi kamakoti uNkz Nokwazi Nhlangothi (27). Kubikwa ukuthi obeshada yintokazi yakwaGumede, ebiyoshadiswa kwaMsibi, oPhongolo. Umthombo weLANGA osondelene nomndeni uveze ukuthi lesi sigameko senzeke ekuseni ngabo 5, okuyisona sikhathi abaqale ukuthola ngaso izingcingo kubikwa ngale ngozi.
“Yize singazi ukuthi kwenzekeni, kodwa sizwe ukuthi ibhasi ibisiyoqeda intaba ngaseJozini isibheke ngaseNkonkoni ngesikhathi iphelelwa ngamabhuleki, umshayeli uhlulwe ukuyilawula yagingqika. Kulimale inqwaba yabantu. “Abanye bebesola ukuthi umshayeli ubengekho esimeni kodwake ngeke sakuqinisekisa lokho. Abantu baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene ngoba laba abalimele kakhulu bona bayiswe esibhedlela eBethesda, kwathi laba abathinteke kancane bona bayiswa eMsiyane eJozini,” kusho wona. Uqhube wathi yize bese kunjalo kodwa umshado uqhubekile noma kungabange kusaya wonke umuntu ngoba bese kwenzeke le ngozi.
“Ngenxa yokuthi umshado kawuhlehli, kube sekuqokwa abesilisa abambalwa ohlangothini lwakwamakoti ukuba bahambe beyokwenza isiko lokungenisa umakoti kwaMsibi. Abanye ababange besahamba ngoba bese belimele kanti umakoti ubesevele ephambili ngoba uhambe kuqala yena. “Phakathi kwabanye abalimele kukhona namalungu omndeni amathathu nawo asesibhedlela,” kusho umthombo. Imizamo yokuthola umndeni kayiphumelelanga. UMnu Mduduzi Mthethwa ongumfowabo kamufi, uthi udadewabo bamgcine ngoMgqibelo ntambama elibangise kwaGumede lapho bekuzoshadwa khona. “Udadewethu bese kunguyena inkosazane ebisisele ethempelini njengoba eyiNazaretha.
Untombazane obeshada bebezwana kakhulu naye, wamcela ukuthi abe yimpelesi yakhe uma eseshada. Ushona nje ubephuma komunye umshado, wabe esegcina isithembiso sakhe njengoba wayeceliwe nakulokhu. “Thina sithole ngephoyisa ekuseni licela imininingwane yakhe okuthe uma sibuza ukuthi kwenzekeni, lasitshela ukuthi akasekho emhlabeni. Ngiyile khona endaweni yesigameko kodwa ngangamthola, saya emakhazeni okulapho simfice khona.
Indlela abelimele ngayo, ubungathi ibhasi belihamba phezu kwakhe ngesikhathi igingqika,” kusho yena. IMeya kuMasipala waseJozini uMnu Mfananaye Mathe, ithe usufikile umbiko kuyona mayelana nale ngozi kanti abakutholile ukuthi uyedwa umuntu oshonile. “Yize ibhasi ibisuka KwaMhlabuyalingana kodwa esikutholile wukuthi ingane eshonile ingeyalapha eJozini ngaphansi kuka-ward 13. Okwamanje bengisathumele ukhansela wayo i-ward ukuba aye emndenini,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko washo ukuthi kushone umuntu oyedwa kusona. Uthi amaphoyisa avule icala lokubulala ngokungenhloso.
skhom@ilanganews.co.za