Kubhekwe isinqumo ngePSL

1187

 I-NSL izokhipha umyalelo owujuqu ngemidlalo

 SENZO SOKHELA

USIHLALO wePSL u-Irvin Khoza

SIBHEKWE ngabomvu isinqumo seNational Soccer League (NSL) ngokufanele kwenzeke ngemidlalo engaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

USihlalo wePSL, u-Irvin “Iron Duke” Khoza umemezele ngoMsombuluko emini ukuthi yonke imidlalo engaphansi kwePSL iyamiswa ngenxa yesifo esidlangile emhlabeni ji-kelele, i-coronavirus. 

Ubehamba emiyalelweni ka-Mengameli wezwe uCyril Ramaphosa ovale izinto eziningi kubalwa nokuhlanganyela kwabantu abangaphezulu kuka-100 endaweni eyodwa.

URamaphosa wenze lokhu ngenhloso yokuzama ukuba kugwemeke ukutheleleka kwabantu abaningi ngalesi sifo esesiqalile ukusabalala mawala nakuleli ngemuva kokuvela okokuqala eWuhan, eChina ngasekupheleni konyaka odlule. 

UKhoza unqume ukuthi kumiswe yonke imidlalo yeligi ebiphakathi neviki kanye neyangale mpelasonto esiya kuyona kuze kube kwenziwa esinye isimemezelo ngayo.

Nokho namuhla ngoLwesine isigungu sePSL neBoard Of Governors (BOG) bazohlangana eGoli okuyi-lapho kulindeleke ukuba kuphume isinqumo esiwujuqu ngemidlalo yePSL ehlanganisa eye-Absa Premiership neyeGladAfrica Championship. 

NgoLwesibili uNgqongqoshe WezeMidlalo ezweni lonke uNathi Mthethwa, uhlangane nezikhulu zePSL nezeSouth African Football Association (Safa).

UNgqongqoshe uMthethwa uveze ukuthi imidlalo izoqhubeka kodwa abalandeli ngeke bavunyelwe ukungena. 

Uphinde waveza ukuthi unxenxe iPSL ukuba ilishuma-yele ivangeli lokuqwashisa abantu ngalesi sifo ngesikhathi imidlalo iqhubeka. Uthe ku-mqoka ukuba imidlalo yePSL iqhubeke kwazise ilandelwa ngabantu abaningi, ngakho uma abadlali beshumayela ivangeli ngaphambi kokuqala kwayo, lizosheshe lizwakale ezweni.

Kulo mhlangano onamuhla kubhekwe ukuba uKhoza amemezele ukuthi kuzokwenzeka kanjani ngemidlalo uma kuwukuthi iqhubeka ngempela. 

Kuvela ukuthi eminye imidlalo ingase isondezwe ukuze iligi isheshe iphothulwe njengoba isibalo sabantu abange-nwa yi-coronavirus sanda ngamandla kuleli.

“UKhoza noMato Madlala oyisikhulu esiphezulu kwiligi bafuna ukuba iligi isheshe iphele ukuze kuzobhekwana kahle nalesi sifo. 

“Namuhla kulindeleke ukuba kwenziwe iziphakamiso ukuthi iligi izophothulwa kanjani ngokushesha. Abantu okubukeka bezoba senkingeni ngabadidiyela iNedbank Cup,” kusho umthombo oncikene kakhulu nePSL.

Imizamo yokuthola uKhoza kumbe uMato ukuphawula ngalolu daba iphunzile nje-ngoba izingcingo zabo bezi-ngabanjwa. 

Kuvela ukuthi kababulali ubuthongo ngenxa yobutatata bemihlangano abaphuma bengena kuyona.

Previous articleI-SANTACO IKHATHAZEKILE NGOKUSWELA AMA-SANITISER
Next articleAkhihla esikaNandi amaciko ngokubhuntsha kwemicimbi