ZAKHELE MCHUNU
KUBHEKWE osondonzima babaholi emcimbini wamaHlubi wokukhumbula iNkosi uLangalibalele Hadebe ethathwa njengombumbi walesi sizwe esinekomkhulu KwaBhekuzulu, eMtshezi.
Lo mcimbi ukusasa ngoMgqibelo kusuka ngo-10 ekuseni esigodlweni seNkosi uMuziwenkosi Hadebe (esesithombeni), esaziwa ngokuthi kuseMadlangeni khona KwaBhekuzulu.
UMnu Wiseman Ngobese okhulumela iNkosi yamaHlubi, utshele ILANGA ukuthi phakathi kwezicukuthwane obesekuqinisekisiwe ngoLwesibili ukuthi nakanjani zizoba khona, ngowayengume ngameli waseBotswana, uMnu Ian Khama; uNgqongqoshe wezokuThutha, uNkz Sindisiwe Chikunga – odabuka esizweni samaHlubi – uNkk Bridgette Motsepe-Radebe oyinkosikazi kaMnu Jeff Radebe, ojwayele ukufika kulo mcimbi ehambisana nomfowabo oyinjinga, uMnu Patrice Motsepe, yithimba lasebukhosini baseSwazini njengoba uNdlunkulu uPhumaphi Hadebe, uMaDlamini, ezalwa yiNkosi uSobhuza II ezala neNgonyama uMswati III obusa eSwazini njengamanje.
“Empeleni uhlu oluqondile lwezimenywa eziqavile kalukafiki njengoba luhlelwa ngqo nguNkk Motsepe-Radebe. Nokho nginesi-qinisekiso salaba engibabalile ngoba sekunesikhathi basho ukuthi bazokube beyingxenye yomgubho, kubalwa nethimba elizokube liqhamuka ebukhosini baseLesotho, elamaNdebele nelamaMpondo,” kusho uNgobese.
Lo mgubho uvame ukwenziwa njalo ngempelasonto yokuqala kaMfumfu (October).
INkosi uLangalibalele ibalwa nalawo ayenamandla amakhulu njengoba yaze yayoboshwa eRobben Island, eCape Town, yaphucwa nengxenye yomhlaba wayo emuva kokugoloza ukuyobhalisa izibhamu lesi sizwe esasizithole njengenkokhelo kubambi bamadayimane.
zakhelem@ilanganews.co.za