Kuzwakale ukuqhuma, kwagqamuka ilangabi lomlilo
NONHLAKANIPHO SHINGA
ISALE imbondelene emsamo inyama yomsebenzi, endaweni yakwaBhekase, kwaNhlalwane, eHighflats, kusha kungqongqa indlu, kwashona amalungu omndeni ayisihlanu. Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo, emndenini wakwaMthembu, obuwenze umsebenzi wenkomo nezimbuzi eziwu-8. ILANGA lihambele lo mndeni izolo ngeSonto, lapho bekuphuma kungena omakhelwane bezowukhalisa ngesehlo esenzekile. Amalungu omndeni namanje asakhungathekile ngalesi sigameko, njengoba engekho noyedwa kuwona obekwazi ukuchaza ukuthi kwenzekeni. UMnu Thabani Mthembu, oshonelwe yindodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha, uthi ngoMgqibelo ebusuku kuhambe ugesi ngabo-9, ngesikhathi behlinza izilwane.
Uthi kukhona abebehleli phambi kwendlu, bosa inyama ngesikhathi kulindwe ukuthi kubuye ugesi, ukuze baqhubeke nomsebenzi.mAbebehleli phambi kwendlu okwenzeke kuyona isigameko, bathi kungene udadewethu omdala (uBongekile), eyohlala nezingane ebezilokhu ziphuma, zingena endlini. “Kakuphelanga nemizuzu engaka-nani, kwaqhamuka umalume ethi kasiboni yini ukuthi kuyasha kuleya ndlu okuhleli kuyona udadewethu nezingane? “Akekho noyedwa kubona omemezile ecela usizo, noma okhalile njengoba sibone umlilo usuphuma ngamawindi,” kusho yena. Kulesi sigameko kushone amalungu omndeni okuhlanganisa uNkz Bongekile Mthembu (35), uNoluthando Dlamini (10), uZamokuhle (onezinyanga ezimbili), u-Anathi (3) noSthembile.
Abathathu balaba kuthiwa bashe bangqongqa kwathi abanye, amalu-ngu omndeni akwazi ukubatakula abakhiphela ngaphandle. Ababili basindile, nokuthiwa kwembulwa kwembeswa kubo. UMnu Mthembu uthi umsebenzi uqale ngoLwesine okuthe ngoMgqibelo babe sebebulala inkomo nezinye izimbuzi nobekumele kudliwe izolo ngeSonto. “Umsebenzi kudingeke ukuthi ubhuntshe ngoba besingeke sikwazi ukuqhubeka nawo ngemuva kokwenzeka kwalo monakalo. “Lo msebenzi obewenziwa bekungowabantu abangasekho, nawo okusithathe isikhathi eside ukuthi sikwazi ukuwenza,” kusho uMnu Mthembu. Uthe endlini eshile bekuhleli izinto ezibalulekile, okuhlanganisa omazisi, izitifiketi nanemali abebesele nayo. “Njengamanje kasazi nokuthi sizothathani sihlanganise nani ngoba kunzima. Kwazingubo zokulala ebesinazo kudingeke ukuthi sigoqe ngazo labo ebese beshonile nabebelimele. “Uma kungaba nabantu abasilekelelayo, singajabula kakhulu,” kusho yena.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule idokodo lophenyo.
nonhlakanipho@ilanganews.co.za