Kubhujiwe amanesi eqothwa yiCoronavirus esibhedlela

985

Ashone esikhathini esingaphansi kwesonto

THANDEKA NGOBESE

Busisiwe Dhlomo

BASEBENZA bedliwa yingebhe abahlengikazi basesibhedlela i-Edendale, eMgungundlovu emuva kokushona kwezisebenzi eziwu-10  esikhathini esingaphansi kwesonto ngenxa yeCovid-19. 

Iningi labashonile, okungabahlengikazi abawu-8, bashone esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezimbili. 

NgoLwesine oludlule iNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu), inikele kulesi sibhedlela ukuyoqinisa izisebenzi idolo yenza nodonga lwesikhumbuzo salezi zisebenzi ezishonile, yakhanyisa izibani kwabekwa nezimbali. 

Ekhuluma neLANGA uMnu Mazwi Ngubane ongunobhala we-Nehawu esifundeni uMgungundlovu, uthe kuwethusile amalungu ayo ukushona kwezisebenzi eziningi ngale ndlela esikhathini esifushane kanje. 

Kulezi zisebenzi ezishonile kubalwa uNkk Busisiwe Dhlomo, uNkz Funani Chiya, uNkk Nokwanda Mdunge, uNkz Nonhlanhla Lushaba, uNkz nombulelo Mbanjwa, uMnu Siphamandla Mhlongo, uNkz Bongiwe Ngema, uNkk O.L Phungula noNkk H.L Madlala. 

“Abanye basaba ngisho ukuvuka ekuseni baye emsebenzini ngoba basuke bangazi noma sebeyoziphonsa ekufeni yini. Inkinga enkulu esibhekene nayo kulesi sibhedlela wukugcwala ngokweqile. 

“Kunezibhedlela ezingomakhelwane okubalwa iNorthdale lapho abantu abangathuthelwa khona, kodwa abaphathi besibhedlela bavele bathule bangayibiki inkinga yabo,” kusho uMnu Ngubane. 

Uthi yize beqonda ukuthi abahlengikazi basebenzela izwe, kodwa bacela ukuba bazinakekele ngoba impilo yabo ibalulekile. 

“Umqashi uma ehluleka wukubanika izinto zokuzivikela, mabangazifaki ekufeni ngoba nakhu bethi bahlenga impilo yabantu,” kusho yena. 

Esinye sezisebenzi esicele ukuthi igama laso ligodlwe ngoba bengavumelekile ukukhuluma nabezindaba, sithe imimoya iphansi kuzona zonke izisebenzi. 

“Okubuhlungu nakakhulu wukuthi njengoba silahlekelwe yizisebenzi ezingaka nje, kumele sisebenze ngokuphindaphindiwe ukuvala isikhala salaba abadlulile emhlabeni,” kusho lo mhlengikazi. 

Esitatimendeni soMnyango wezeMpilo osithumelele leli phephandaba, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi seziwu-12 569  izisebenzi zawo ezihaqwe yiCoronavirus kusukela leli gciwane ladloba ngo-Ndasa (March) ngonyaka odlule. 

“Ngeshwa bawu-112 asebedlulile emhlabeni ngenxa yeCovid-19, iningi labo okungabahlengikazi. Umnyango uzethulela isigqoko zonke izisebenzi ezisekhaleni kule mpi futhi uzoqhubeka  ukuzeseka  ngokuzihlinzeka  ngezinsiza  zokuzivikela, ukuzeluleka ngokomqondo nokuzisiza ngezinye izindlela,” kusho umnyango esitatimendeni.

Previous articleUmgadli weChiefs uveza ubuhlungu ngezakhe
Next article“Simbiwe ngobumnyama isidumbu”