Kubhuntshe imizamo yokuqopha uZalo

1029

Bachithwe yiSABC ukuthola imvume eyisipesheli

LUCKY CAIN

UTHANDEKA Dawn King, odlala indawo kaMaNgcobo, noThulane Shange odlala ekaThulani kuZalo olukhonjiswa kwiSABC 1 phakathi nezinsuku.

IPHELELE emoyeni imizamo yabakhiqizi bomdlalo owuchungechunge, Uzalo, yokuqala ukuqopha lo mdlalo namhlanje ngoMsombuluko. 

ILANGA lithole ngomthombo walo ongaphakathi ukuthi abalingisi nabadidiyeli balo mdlalo, okhonjiswa kwiSABC 1 nsuku zonke, bathole imiyalezo ngoMgqibelo ebibazisa ukuthi kumele balungiselele ukuqala ukuqopha namuhla.

 Lo mthombo uthi le miyalezo ifike ihambisana nanezikhathi okumele bafike ngazo.

“Sithole lo myalezo satshelwa nokuthi sizonikwa nezimvume zokuyoqopha, kodwa ngokuhamba kwesikhathi siphinde sathola omunye umyalezo ositshele ukuthi masiqhubeke nokuhlala emakhaya kuze kube siyaziswa ngokumele sikwenze,” kusho umthombo. 

Leli phephandaba lihabule ukuthi abakhiqizi balo mdlalo banetwetwe njengoba iziqephu ebeziqoshiwe ziya ngokuphela njengoba izwe lisavalile ukusebenza ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane leCovid-19. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa wengeze ngamasonto amabili ukuvalwa kwezwe, okusho ukuthi kuzoze kuvulwe uma kuphela le nyanga.

Omunye umthombo uveze ukuthi abakhiqizi balo mdlalo bafake isicelo kwiSABC ngenhloso yokwenza abadidiyeli nabalingisi babe yizisebenzi ezimqoka ukuze bakwazi ukuba nemvume yokuqhubeka nokusebenza. 

Lo mthombo uthi lesi sicelo sichithiwe ngabeSABC njengoba bengabange besaqhubeka nokuqopha.

Ibamba lokhulumela iSABC, uMmoni Seaplelo, uthe zonke izinkampani eziqopha imidlalo ekhonjiswa kule nhlangano zisavaliwe kuze kube kuthathwa isinqumo sokuqhubeka nokusebenza. 

Uqhube ngokuthi uma sekuthathwa lesi sinqumo, ngeke kube ngesenkampani eyodwa, kodwa kuzobhekelelwa zonke izinkampani eziqophayo. 

Previous articleuxoshe ummeli weminyaka emibili uzuma
Next articleUshone ezitika ngocansi nesoka