Kubikwa eyomfantu phakathi kweSilo nomkhulumeni waso

313

JOHN HLONGWA

SEKUPUTSHUKE incwadi eveza ukuthi usexoshiwe esikhundleni sokuba ngumkhulumeli weSilo uMisuzulu, uMntwana u-Africa (esinaye esithombeni).

ILANGA liputshuzelwe wumthombo walo osondelene neSilo ukuthi ubudlelwano phakathi kwaso noMntwana u-Africa kabubuhle, kubangwa ukukhishelwa emphakathini kwezitatimende ezingafani –

iSilo sikhuluma okunye noMntwana u-Africa, asho okunye. 

Kuthiwa okushayele isipikili sokugcina, yisitatimende mayelana nokuxoshwa kweNkosi uThanduyise Mzimela esikhundleni sokuba ngusihlalo weNgonyama Trust, okuvela ukuthi sesinikwe iNkosi uMabudu Tembe. 

“Leyo ncwadi kwavela ukuthi isayinwe yiSilo, kodwa uMntwana u-Africa wakuchitha lokho, wathi ikokotelwe ngesinye sezikhulu,” kusho umthombo. 

Le ncwadi ebhalelwe uMntwana u-Africa ifundeka kanje: “ISilo sithe angikubhalele le ncwadi. 

“Sikhathazekile ngemibiko esiyitholayo ngokusebenza kwakho. 

“Sesithole okukhulu ukukhononda kuqhamuka kubantu abehlukene, okuyihhovisi likandunankulu waseGauteng, ihhovisi likasekela mengameli, abaqaphi beSilo, izintatheli nabasebenzi basehhovisi. 

“Ngalezi zizathu iSilo singiyalele ukuba ngikwazise ukuthi siyakunqamula ukusebenza nawe kusukela manje.” 

Uqhuba umthombo uthe iSilo sikhala kakhulu ngesenzo soMntwana u-Africa, sithi sehlisa isithunzi saseNdlunkulu nesihlalo uqobo. 

“Nale nto yakhe umntwana ehambe eqopha ama-video, eziveza ukuthi ungumkhulumeli weSilo, kasikuthandi. 

“ISilo siyafisa umntwana
ayeke ukukhipha izitatimende engazange asithinte sona ngoba lokho kugcina sekuphambanisa imibiko eya emphakathini. 

“Kumanje iNdlunkulu ididekile ukuthi uma ifuna ukukhuluma izinto ezibalulekile neSilo kumele ixhumane nobani. 

“ISilo selokhu sagcina ukhipha isitatimende esisayinwe yiso ngoNhlaba (May), zonke ezilandela ngemuva kwaleso umntwana ubesezenzela,” kusho umthombo.

Le ncwadi kuvela ukuthi ibhalwe uMntwana uSimphiwe Zulu, kodwa ayisayiniwe. 

UMntwana uSimphiwe uphike walala ngomhlane, wathi kayikho incwadi ayaziyo. 

uMntwana u-Africa uthe ayikho into angayikhuluma ngaleyo ncwadi ngoba akakaze ayibone.

Previous articleKukhalwa ngesiteshi samaphoyisa esivalwayo ebusuku
Next articleKududulwane ngenqindi kumasipala weTheku “kubangwa” eka-R1.2 billion