Kubikwa ukwehla kwezibalo zabangasebenzi

135

BHEKI NDLOVANA 

KUBIKWA ukuthi sehlile isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika ekoteni yesithathu ka-2023 uma kuqhathaniswa neyesibili. 

UMnu Risenga Maluleka (osesithombeni) ongunozibalo-jikelele (statistician general) weStats SA, uveze ukuthi izinga labantu abangasebenzi kuleli lehle ngo-0,7. Lokhu kusho ukuthi lehle lisuka ku-32,6% wekota yesibili yalo nyaka, lafinyelela ku-31,9% kwikota yesithathu. 

Ocwaningweni lweStats SA, kutholakale ukuthi isibalo sabangasebenzi ezweni sehle ngo-72 000 saya ku-7,8 million. 

Kule kota yesithathu kuvela ukuthi abantu abaningi abalahlekelwe yimisebenzi ngabasembonini yabakhiqizi bezimpahla – okuyimisebenzi ewu-50 000 – nabakweyezimbiwayo, lapho kulahleke ewu-35 000. Embonini yezokuthutha kubikwa ukuthi kuphele imisebenzi  ewu-20 000.  

Previous article
Next articleKuvele inkinga yebhuloho kuhlehla izivivinyo