Kubongwe oKlebe ngokuboshwa kwababulali bamaphoyisa

806

LUCKY CAINĀ 

KUBULAWE amaphoyisa awu-34 esemsebenzini phakathi komhla ka-1 kuMbasa (April) 2022 no-31 Ndasa (March) 2023.

 Lokhu kuvele ngeSonto ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula amaphoyisa abulawa esemsebenzini  obuhlelwe yiSouth African Police Service (SAPS) ezindlini zombuso, ePretoria. 

Kulo mcimbi – obekukhona kuwo noMengameli Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele – bekukhona namalungu emindeni yamaphoyisa abulawa. 

Kuvele nokuthi babalelwa cishe ku-500 abantu ababoshiwe ngezigameko zokubulawa kwamaphoyisa kusukela ngo-2018, kanti abawu-9 bagwetshwe odilikajele, abanye basahamba amacala. 

UMengameli Ramaphosa uncome umsebenzi woKlebe ngokuqinisekisa ukuthi abathintekayo ekubulaweni kwamaphoyisa bayaboshwa. 

Ethula inkulumo yakhe, uthe kumele kuphele ukuhlaselwa kwamaphoyisa futhi abenzi bobubi kumele babhekane 

nengalo yomthetho. 

Uthe uphenyo olwenziwa woKlebe kula macala luyamangalisa njengoba bekhona ababoshwayo. 

Wengeze ngokuthi nakuba ukuboshwa nokugwetshwa kwalezi zigilamkhuba kungeke kuwabuyise la maphoyisa, kodwa izinhliziyo zamalungu emindeni yawo, zizoduduzeka ukwazi ukuthi ubulungiswa 

bugcine benzekile. 

lucky.caim@ilanganews.co.za

Previous articleIsiphenduke iKwaJombigazi eyaseMlazi
Next articleOkungajwayelekile kwembesa oweMpucuzeko