Kuboshelwe nowase-USAkwiKZN International Jazz

317

Bathi bonke abantu bazozizwa bekhethekile kanti kuzovuseleleka uthando

THANDI ZONDI
BATHEMBISA ukuthi izonika abathandi be-jazz ubulungiswa iKZN International Jazz Day ezokuba mhla ka-3 kuNhlangulana (June) njengoba kulo mcimbi kuboshelwe abadlali bawo ngqo, ngokwahlukana kwezinhlobo zawo. Umhleli walo mcimbi ozokuba seThe Station Functions and Events Centre, eThekwini, u-Atlas Duma weSagiya Foundation, uqinisekise ukuthi kuboshelwe abaculi abanohlonzo kuleli dili lomculo. “Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi kunomcimbi we-jazz kepha kungabi ngamaciko alo mkhakha ngqo asuke ecula bukhoma. Yingakho sinqume ukunika iKwaZulu-Natal lokhu ekudingayo, siyilethele amaciko anohlonze alolu hlobo lomculo,” kusho yena. Uthi kulo mcimbi balindele ukuba kudliwe ukotini njengoba bebheke ukuthi bonke abazowuhambela bazizwe bekhethekile.


“Silindele ukuthi abazokube besemcimbini bagqoke kahle, baswenke noma kube yi-vintage. Bazobe bezihlalele kamnandi phansi, belalele umculo omnandi. Inhloso yethu enkulu wukuthi silwe nanesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. “Siyethembisa ukuthi ozokube eyingxenye yomcimbi uzogoduka ezizwa ekhethekile kanti kwabathandanayo, sizovuselela umuzwa wothando,” esho. Uthi ngalo mcimbi bahlele ukuhlanganisa zonke izinhlanga njengoba namaciko ayingxenye yawo, ahlukene ngokobuhlanga. Lo mcimbi uzohlukana izigaba ezintathu, kuzoba nesigaba se-smooth jazz, i-afro jazz ne-international jazz ukuze nabazokube bewulalele bezokwazi ukwehlukanisa lolu hlobo lomculo. Phakathi kwabaculi abazokube beshiyelana inkundla kubalwa uRichard Bona wase-USA, uSelaelo Selota, uNduduzo Makhathini, uMbuso Khoza, Umkhumbane Jazz Ensemble, uXolisa Dlamini, uMthobisi Mthalane, iTrio (uNibs Van Der Spuy, uNeil Gonsalves noDemi Fernandez) noBongani Nkwanyana.

Previous articleSekuvele kwashuba kakhulu kweyePSL
Next articleITheku lingase lilahlekelweyiKing Shaka Int. Airport