Kuboshwe ababanjwe bevubela “umzambiya”

653

INTATHELI YELANGA

ZIBAKHALELE abesilisa abathathu ababanjwe ngabaphoyisa bevubela utshwala obuwumbombayi eWestmnead, ngasePinetown.
Ngokwesitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal, amaphoyisa asePinetown ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene, bancinzwe indlebe ngenkampani evubela ugologo owumbombayi eWestmead, abe esebalalela unyedle. Okuqaphelekile wukuthi amasango ale ndawo ebehlala evaliwe, kodwa ngaphakathi abasolwa beqhubeka nemigilingwane yabo.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi amaphoyisa engena kule ndawo, azithele kwabesilisa abathathu bematasa befaka lo gologo emabhodleleni e-vodka edumile.

Kutholwe izivalo, wumshini wokuphrinta nokunye okungabiza u-R400 000 sekuhlangene. Ngokwesitatimende samaphoyisa, abasolwa abaneminyaka ephakathi kwewu-29 newu-42 ubudala, bazovela maduze enkantolo.

Previous articleAmazwi kaLuthuli asangena khaxa engcindezelweni esibhekene nayo
Next articleUPapas edlulisa umnikelo weDA KwaPhindangene