KUBOSHWE ABASE-UKZN BESOLWA NGOKUKHWABANISA

346

MTHOBISI SITHOLE
BATHELEKE ngehlazo abangamalungu ezisebenzi zase-Unviersity of KwaZulu-Natal (UKZN) nabebeyingxenye yomkhandlu wabafundi, iStudent Representative Council (SRC) – okubalwa nomengameli wabo ababoshwe mayelana nokukhwatshaniswa kwemali yenyuvesi engango-R80 million yezindawo ezihlala izitshudeni. Kubikwa ukuthi kuboshwe abawu-6 kuleli cala emuva kokuba abanye abanezindawo okuhlala kuzona izitshudeni, bevule amacala sebekhathele wukukhokha. Phakathi kwababoshiwe, ngamalungu amabili ayekade esesigungwini somkhandlu wabafundi nomunye ozinze ophikweni oluseHoward College.


Kuvela ukuthi leli thumba liqhunjuzwe yimindeni ewu-5 enezindawo okuhlala kuzona izitshudeni. Kuthiwa akwaziwa ukuthi yile mali kuphela yini ekhwatshanisiwe njengoba uphenyo luqale ngo-2021, kanti kusolwa ukuthi sekunesikhathi eside baqala lobu bugebengu. Imithombo ithi lezi zitshudeni nezibambisene nazo ngaphakathi esikhungweni, beziyaye zixoxe nomphathi webhilidi okuzohlala kulona izitshudeni, zimtshele ukuthi mhlawumbe imibhede uma iwu-20 ebhilidini, ikhanda ngalinye lomfundi kufanele njalo ngenyanga banikwe u-R100 inyanga nenyanga. Kuthiwa uma engasahambisani nalokho obeqashise izitshudeni kulelo bhilidi, uyatshelwa ukuthi kuzokwenziwa imizamo yokuthi zikhishwe izitshudeni kulona noma zilibhikishele, zikhombe izinkinga.


Kuthiwa kunamabhilidi abengekho esimweni esihle sokuhlala izitshudeni njengoba kunezinto okufanele zibe khona kuwona ngaphambi kokuba inyuvesi isayine isivumelwano nalo, kodwa ebezigcina zihlala kuwona ngenxa yamandla eSRC nabathile abebencinda odengezini lunye nayo. Kubikwa ukuthi le mali bekukhokhelwana yona ngesandla, ibingafakwa ebhange. Abasolwa nguXolani Dube owayengumengameli wabafundi eWestville, uPresgasen Govender oyilungu lomkhandlu wabafundi elizinze ophikweni eHoward, uJulian Sandreigh obhekelele i administration yezitshudeni ophikweni i-Edgewood, u-Ezram Lebodi osebenzisana nabezindawo zezitshudeni, uNqobile Mngomezulu oyinhloko ebhekelele izindawo ezizimele okufakwa kuzona izitshudeni, uMoses Makamba naye owayengumengameli wezitshudeni.


Bonke laba bavele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngenyanga edlule, bangaphandle ngebheyili, icala lihlehlele uNhlaba (May). Imithombo, ithi kulindeleke ukuba kuboshwe abanye njengoba lusaqhubeka uphenyo ngaleli cala. Ngokwephephandaba lesilungu elibike ngalolu daba, kunesisulu esiveze ukuthi omunye wabasolwa wafika kusona ngo-2019, wafuna u-R80 000 ngaphambi kokuba kusayinwe isivumelwano sokusebenzisana, wabe esefuna ukuthi ikhanda lomfundi ngamunye kufanele likhokhelwe u-R150 ukuze kuqhubeke ibhizinisi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Nqobile Gwala, uliqinisekisile icala nokuboshwa kwabasolwa. Okhulumela inyuvesi, uNkk Nomarh Zondo uthe ngenxa yokulawulwa yimigomo yenyuvesi, ngeke bakwazi ukuphawula ngophenyo oluqhubekayo ngenxa yobucayi balo. “Sicela abezindaba basinike ithutshana, siyophawula ngesikhathi esifanele,” esho. Uthe nokho le nyuvesi kayihambisani nanoma yiziphi izenzo zenkohlakalo.

Previous articleKumiswe umcimbi wokwethulwa koxhaso luka-R99 million womoba
Next article“Ubulale umkakhe maqede wazilengisa”