Kuboshwe abeSikebhe kutholwa isidumbu 

617

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUBOSHWE amalungu awu-6 enhlangano yodumo lokulwa nokwebiwa kwemfuyo, iSikebhe, emuva kokunyamalala kowesilisa waseSigcabeni, eNkandla, maqede kwatholwa isidumbu sakhe emhosheni, sesiqala ukonakala. Kuthiwa isidumbu sikaMnu Sipho Biyela sitholakale ngoLwesihlanu eSandlwana, eNquthu, kanti ubegcine ukubonakala mhla ka-9 kuZibandlela (December), ethathwa ngabantu emzini wakhe ngoba bethi bafuna ukuyoxoxa naye.

Umthombo uhlebele ILANGA ukuthi umufi uke wasoleka ekwebiweni kwemfuyo phambilini. “Phambilini kwaya iSikebhe ebusuku emzini kaBiyela siyomlanda, wagcina engahambanga. Ekuhambeni kwesikhathi wabiza umhlangano naso iSikebhe, efuna incazelo ngokuya kwaso kwakhe ebusuku. Kulowo mhlangano, kasizange siphume isixazululo, kunalokho watshelwa ukuthi makakhiphe izinkomo ezintathu zowesilisa owayemmangalele eSikebheni,” kusho umthombo.

UMnu Bhekani Biyela oyindodana kamufi, uthe yize engenayo imininingwane kodwa bezikhona izinxushunxushu phakathi kukayise neSikebhe. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous article“Ungumuntu onodlame obulale ingane yakhe ngesagila”
Next articleIthuna kalisona isixazululo, impumelelo ikuwena