INTATHELI YELANGA
KUBOSHWE owesilisa waseMalawi nowase-Ethiopia ngecala lokushushumbisa abantu emuva kokuba kutholakale abalisa abawu-26 base-Ethiopia, begqunyweni esakhiweni thizeni eBinoni, eGoli. Laba bashushunjiswa – okubikwa ukuthi “bebethunjiwe” kulesi sakhiwo, batholakale emuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe mayelana nabesilisa abaphuma ngewindi eNorthmead.
Emuva kwezinsuku ezimbili, agcine efikile amaphoyisa kulesi sakhiwo, abopha laba besilisa abawu-26 ngamacala amayelana nokwenqa imingcele ngokungemthetho, njengoba bebengenawo amaphephamvume okuba seNingizimu Afrika.
Okhulumela oKlebe eGauteng, uCapt Bonnie Nxumalo, uthe laba balisa bazamile ukutshela amaphoyisa ngesiNgisi “esife uhlangothi” ukuthi bebehamba ngezokuthutha ezihamba phansi ngesikhathi betheleka kuleli.
“Ngesikhathi kuphenywa, kuvelile ukuthi abasolwa bebegqunywe kule ndlu ngombandela wokuthi bayodedelwa uma amalungu emindemi yabo esekhokhele umnikazi wesakhiwo (ongowase-Ethiopia), okunguye obasize ngokubangenisa kuleli ngokungemthetho,” kusho uNxumalo.
Uqhube ngokuthi lo waseMalawi, uthe yena ubezisebenzela kwenye indawo yokulala (bed and breakfast), wathathwa kuyo ethenjiswa iholo eliconsisa amathe ngokuba ngunogada. Uthe yena ubengazi lutho ngokushushumbiswa kwabantu.
“Bobabili babekwe amacala okushushumbisa abantu, awokufuna imali (emalungwini emindemi yabashushunjiswa) ngendlela engekho emthethweni nawokuphambana nemithetho yemingcele,” kusho uNxumalo.
Uthe abashushunjiswa bavele enkantolo ngoLwesine ngecala lokwephula imithetho yemingcele, kodwa badedelwa emuva kokuba kuvele ukuthi bashushumbisiwe.
Uthe amaphoyisa kawazi ukuthi bakuphi laba balisa njengamanje.