Kuboshwe ikhansela nomshana ngelokufa kwabawu-3

963

Kuthiwa izisulu babezizingela kubangwa ubukhansela

ABAZINGELE aze abathola amaphoyisa abasolwa ngokubulala amalungu amathathu omndeni waseMid-Illovo, eThekwini, kwathi abawu-7 balimala kanzima ngoNcwaba (August) nonyaka.

NONHLAKANIPHO SHINGA

LILALE libaliwe ngoLwesibili ikhansela likaMasipala wase Mkhambathini, umshana nomngani walo abasolwa ngokubulala amalungu amathathu omndeni waseMid-Illovo, eThekwini, kwathi abawu-7 balimala kanzima ngoNcwaba (August) nonyaka. Leli khansela kuthiwa liboshwe wuphiko olukhethekile obekusebe- nza kulona izinhlaka ezahlukene zamaphoyisa, okuhlanganisa awaseThekwini (Thekwini District Task Team) nophiko lwabaseshi oluseqophelweni eliphezulu.


Uhlelo lokuzingelwa kwabasolwa obesekunesikhathi befunwa, belubizwa “Izimpisi 3”. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe leli thimba belilandela umkhondo oveze ukuthi abasolwa bacashe ndawana thizeni eMlazi. “Babhekene namacala okubulala, ayisikhombisa awokuzama ukubulala nawokucelela phansi impahla. Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-43, babanjwe ezindaweni ezahlukene; kukhona obanjwe eMlazi, obanjwe eSiphingo notholakale eNgilanyoni, eMid-Illovo,” kusho yena.


Basolwa ngokuhlasela umndeni thize eMid-Illovo, isihlobo sawo esasingenele ukhetho lokuba yikhansela. “Ngaphambi kokubulawa kwabo, bathola ngamahlebezi ukuthi basengcupheni, okwaholela ekutheni babaleke lapho babehlala khona, bacasha ezindaweni ezahlukene eThekwini. “Abasolwa babazingela baze babathola eSydenham, eMlazi nase Camperdown, babahlasela bebaphoqa ukuba baveze ukuthi ucashephi lona ongenele esokuba yikhansela,” kusho uCol Mbhele. Kuthiwa kwathi uma izisulu zinqaba ukuveza ukuthi uphi lo ofunwayo, kwadutshulwa zona kwashona abathathu, kwalimala abawu-7.

Kwabalimala kunezingane ezimbili; eneminyaka ewu-14 no-16. “Balimaza impahla, bashiya izisulu zilimele kanzima. Kwaze kwangenelela amalungu omphakathi abaphuthumisa esibhedlela. Amacala avulwe eMid-Illovo, eSydenham, eMlazi naseCamperdown kanti abasolwa kuthiwa baqale ukubaleka emuva kokuthola ukuthi bafunwa ngamaphoyisa,” kusho yena. Kunomsolwa okuthiwa usagcwele izintaba. Ababoshiwe kulindeleke bavele enkantolo maduze.

Previous articleISIGCOTSHIWE INKOSI YAMANTUNGWA
Next articleUmidwayidwa uSomlomo weTheku