Kuboshwe inkosi “ngokunukubeza” ilungu lomndeni

246

PHUMLANI GAMA

SESIHLUKANISE phakathi amalungu omndeni wasendlunkulu yesizwe esiseBergville isigameko sokuboshwa “kwenkosi yaso”esolwa ngokunukubeza ngokocansi ilungu lomndeni wayo. Inkosi – esingeke siyidalule ngenxa yezizathu zomthetho – ivele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseBergville ngoLwesine, iyofaka isicelo sebheyili. Kuthiwa umsolwa usiqale ngonyaka odlule isisulu. Kubikwa ukuthi ubesigila maqede asixwayise ngokuthi singabiki kwabezomthetho ngoba uzosidubula, adubule nonina maqede azidubule naye. 

Leli phephandaba lithole ukuthi ithumba libhoboke ngemuva kokuba uyise omncane wesisulu ebambe umsolwa naso isisulu besembhedeni, bengagqokile kwesingenzansi. Isisulu sithathwe ngabathile bozalo, basihambisa komunye wabaholi bomndeni, othe makuxhunyanwe namaphoyisa ngoba lolu daba lubucayi. 

Ilungu lomndeni liveze ukuthi selokhu kuboshwe umsolwa, isimo sibucayi emphakathini. Kukhona abasola abathile ngokuboshwa kwenkosi yesizwe. Leli lungu – elicele ukuba kugodlwe imininingwane yalo – lithe isizwe sibiziwe, sabikelwa ngokuboshwa komnikazi
wesihlalo. 

African American in Prison

“Isihlalo besibanjwe ngomunye womndeni iminyaka engamashumi amabili. Ngonyaka odlule umndeni wahlangana, kwavunyelwana ngokuthi sibuyiselwe kumnikazi waso. Kubuhlungu-ke ukuthi usephinde wenza isigameko esifanayo ekubeni wadedelwa ngoshwele ecaleni lokudlwengula,” lisho. 

Liqhube lathi ukungaboni ngaso linye sekukapakele ngisho nakumalungu omphakathi. 

“Njengenhloko yomndeni, ngokubambisana nabanye, sihlangene, saludingida lolu daba. Ngosuku ebesihlangene ngalo, kwafika abantu basidubula, nokho akulimalanga muntu,” kusho leli lungu. 

Inkantolo inqume ukuba umsolwa aqhubeke nokuhlala esitokisini kuze kube kuphothulwa uphenyo lwamaphoyisa ngesicelo sakhe sebheyili. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko. 

Previous articleUCassper uphumele obala ngempi yakhe neGcokama
Next articleKuthiwa ubefuna imali yokuzikhipha “ogayise” owesilisa ngemoto