sokulimala kwakhe asithole ekuqaleni konyaka.
NOMFUNDO NGWANE
UDAYISWE yinkabi yakhe umfelokazi waKwaMbonambi, osolwa ngokuyithenga ukuba ibulale umyeni owagwazwa wabulawa mhla ziyisihlanu
kuNhlangulana (June).
INkantolo eNkulu yaseMgu-ngundlovu, igwebe uVusumuzi Msani (24), iminyaka ewu-20 ebhadla ejele emuva kokuzivumela ngokwakhe ukuthi wa-gwaza wabulala uMnu Mfeka ngoba ethengwe ngumkakhe, uNkk Sphelele Mfeka, uMaDla-mini (30), owayefuna ukudla imali yakhe.
ILANGA lithole ukuthi uNkk Mfeka ushaqwe ngamaphoyisa ekuqaleni kukaNtulikazi (July), emuva kokuba inkabi ilihlanze lonke iqiniso ngentulo lakhe.
Kubikwa ukuthi isidumbu sikaMnu Mfeka satholwa ngumuntu owayeluse izinkomo, silahlwe endaweni okulahlwa kuyona udoti eRichards Bay, sinenqwaba yamanxeba okugwazwa ezimbeni nasekhaya.
Sitholwa nje, umkakhe waye-ngawabikelile amaphoyisa ukuthi umyeni wakhe unyamalele.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Mfeka ubulawa nje, wayesanda kuphunyelwa wu-R2 million wesinxephezelo sokulimala engozini yemoto.
Udadewabo kaMnu Mfeka, uNkk Ntombiyenkosi Biyela, uthi umfowabo ubulawa nje, bebengasamazi, kwazise umkakhe ubengafuni ukuba axhumane nabo njengama-lungu omndeni wakhe.
“Sagcina ukuxoxa nomfowethu ngesikhathi esalungiselela ukuthi kuphume imali yakhe. Kuthe uma imali isiphumile, waqhela kithina, sezwa ngabantu ukuthi seyaphuma.
“Kwathi sisathuswe yilokho, sezwa sekuthiwa useshadile nonina wezingane zakhe esamgcina emlobola. Sezwa ngabantu ukuthi sebakha umuzi wabo endaweni esingayazi.
“Kwathi sebephakathi nokwakha umuzi wabo, umfowethu wazama uku-hlangana nodadewethu omncane wamnika u-R200 000 ukuba silungise umuzi wakithi, wasitshela ukuthi inkosikazi yakhe kayifuni ukuba akhiphe imali.
“Sithuke kwaphela nasozwaneni uma sekufika izindaba zokuthi umfowe-thu utholakale eseyisidu-mbu.
“Okuqale nje kwasisolisa wukuthi yinkosikazi yakhe eyenze lokhu, wukuthi ka-yizange isibikele lutho ngokunyamalala kwakhe,” kusho uNkk Biyela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi inkosikazi yashaqwa ngamaphoyisa ngemuva kokuba inkabi ilihlanze lonke iqiniso emaphoyi-seni.
Uthi inkabi igwetshiwe ngo-Lwesihlanu emuva kokuvuma icala kanti umsolwa wesifazane nenye inkabi kulindeleke ukuba bavele enkantolo khona maduze.
nomfundo@ilanganews.co.za