Kuboshwe inyanga edumile eThekwini

339

Kuthiwa isolwa ngokuntshontsha imali efinyelela ku-R103 million

THANDEKA NGOBESE
IKHALELWE ngamasongo kaSigonyela isemzini wayo inyanga edumile eThekwini, ezibiza ngenkosi yezinyanga, ehamba ngemoto yohlobo
oluphambili lwama-million, eyithenge ngonyaka owedlule. Le nyanga igama layo ligodliwe, kuze kube ivela enkantolo yaseGoli namhlanje ngoLwesine, ngecala lokweba ebhekene nalo nabanye abasolwa. Kuthiwa le nyanga ivulelwe icala lokweba imali yebhange yesamba sika-R103 million. ILANGA lihabule ngemithombo yalo ukuthi le nyanga ishaqwe ngabophiko loKlebe (Hawks), kanti izovela namhlanje eNkantolo yamaCala athinta ezezimali, ePalmridge Specialised Crime Court, eGoli.


Okhulumela ama-Hawks eGauteng, uCapt Ndivhuwo Mulamu, uthi umsolwa uthinteka ecaleni likaMnu Xolela Masebeni, ongasekho emhlabeni, obengunjiniyela wamakhompiyutha ebhange lakwa Absa, osolwa ngokuntshontshela leli bhange imali engango- R103 million, wayifaka kumaakhawunti ehlukene okubalwa neyayo lenyanga edumile. “Abasolwa ababili kuleli cala sebeboshiwe. Inyanga ingumsolwa wesithathu kuleli cala. Bakhona nabanye abasolwa okusalindeleke ukuthi baboshwe kuleli cala,” kusho uCapt Mulamu.


Le nyanga edume ngokuchoma ngokuthi inemali, ihamba ngezimoto eziphezulu, iphila impilo entofontofo, amaphoyisa bese kunesikhathi eside esezithendeni zayo njengoba ebenza uphenyo olunzulu ngaleli cala esoleka kulona. ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi le mali yafakwa kuma akhawunti ahlukene abasolwa kusukela ngoMandulo (September) kuya kuZibandlela (December) wangonyaka owedlule. Omunye umthombo weLANGA osondeleni nale nyanga, uveze ukuthi uMnu Masebeni ubeyisiguli sayo, okungenzeka ukuthi le
mali eyangena kuyena kwakuyimali yokumelapha, njengoba ubengapheli esigodlweni sayo ezokwelashwa

Previous articleUmufi ubebalisa ngokufulathelwa ngabazali asebashona edlwengulwa
Next articleKucishe kwaphuma isidumbu ngesithembu sowesifazane