Kuthiwa ‘liphithanelwe yikhanda’ labhekisa isibhamu kumngani
SKHOSIPHI MTHEMBU
LIKHALELWE ngamasongo kaSigonyela iphoyisa lesifazane oNdini, elisolwa ngokudubula libulale umngani walo kade kuphunywa ebumnandini. Lesi sigameko senzeke ezintathakusa izolo. Sishiye imibuzo emndenini kaNkz Mbali Mthethwa, okuthiwa bebengamathe nolimu nephoyisa lomgwaqo elingumngani wakhe elimbulele. Akucaci ukuthi yini imbangela yalokhu, kodwa kuthiwa umsolwa uphithanelwe yikhanda, okuthe umufi ezama ukumbamba, wadonsa isibhamu wamdubula washona.
UMnu Siphamandla Ntombela, oyisihlobo sikamufi, uthi sibethusile lesi sigameko ikakhulukazi njengoba laba bebezwana, futhi bengahlukani, behlale behamba ndawonye izikhathi eziningi. “Bahambe bobabili njengenjwayelo beya kwenye indawo yobumnandi khona lapha oLundi. Kuthe ezintathakusa sebehamba, badlula kwelinye igalaji beyothenga into yokudla. “Kuthiwa kube sekuqhamuka omunye umfana wababuza ukuthi kungani bethenga uphaya, wabacela ukuthi bahambe naye, baye endlini yakhe khona ezobanika inyama. Babe sebelandelana, kwayiwa kuloyo muzi.
“Asazi ukuthi kwenzekeni sebesendlini, kodwa sizwe ukuthi umngani kaMbali ube esephithanelwa yikhanda, wadonsa isibhamu waphuma ngejubane endlini. “UMbali ngokukhathazeka, ube esemlandela umngani wakhe, efuna ukuyozwa ukuthi sekonakelephi, uyaphi, makabuyele endlini, okuthe uma emfica, embamba, wasibhekisa ngakuyena isibhamu, wamdubula,” kusho uMnu Ntombela. Uthi yize sibethusile lesi sigameko, kodwa kabananxa nomsolwa ngoba ungumngani kaMbali futhi bayaxhumana nomndeni kamsolwa kulesi sikhathi esinzima. “Bekungumngani wakhe omkhulu lona, futhi singumndeni kasinanxa naye, sike saxhumana nomndeni wayo intombazane saxoxisana, sibambisene kulesi simo esibhekene naso. Siyacela ukuba abantu basinike ithuba lokuba siyilungise le nto siyimindeni ethintekayo,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-35 ngecala lokubulala. Uzovela maduze enkantolo.