Kuboshwe isihlobo kolowesifazane owatholakala elothisiwe emotweni

512

NOMFUNDO NGWANE

UNKK Khulukazi Ndlovu okwatholakala isidumbu sakhe ngoMbasa (April) sithungelwe ngomlilo emotweni ayehamba ngayo ngasemathuneni aseMolweni. Sekuboshwe isihlobo ngalesi sigameko. Yimoto okwatholakala kuyo isidumbu.

SISHAQE amalungu omndeni wakwaNqeketho, eMthatha isigameko sokuboshwa kwesihlobo sawo mayelana nokubulawa kwendodakazi yawo isidumbu sayo esatholakala sithungelwe ngomlilo nemoto ngasemathuneni aseMolweni, eThekwini ngoMbasa (April). 

ILANGA liligodlile igama lomsolwa ngezizathu zomthetho aze avele enkantolo.

ILANGA langomhla ka-14-16 ku-Nhlaba (May) labika ngokutholakala kwesidumbu sikaNkk Khulukazi Amanda Ndlovu (38) okwasekuphele inyanga engaziwa ukuthi washonaphi. Wabulawa esehlala ngokwehlukana nomyeni wakhe ngenxa yokuthi babenezinkinga emshadweni wabo. 

Odabeni esabika ngalo, kwavela ukuthi uNkk Ndlovu waphuma emzini wakhe emuva kokuba umyeni esethole ukuthi sekunowesilisa athandana naye, abasebenza naye. 

Sabika ukuthi umufi nomyeni wakhe babanga ukuthi kunowesilisa osolwa ngokuba yishende, ababasebenza ndawonye enkampanini yamabhasi eThekwini. Imoto eyatholakala eshiswe kuyona, kwavela ukuthi ngeyesoka lakhe.

ILANGA lixoxe nodadewabo kamufi, uNkz Esihle Nqeketho, othe besebezwile ngokuboshwa komsolwa oyisihlobo sabo. 

Uthe udadewabo washona bengasahlali ndawonye nomyeni wakhe. Uthi udadewabo wayekhala ngokuthi banezinkinga zemali, umyeni wakhe uhamba ethatha imali kubantu ebathembisa ukuthi uzobatholela umsebenzi. 

“Kwakuthi uma kungasenzeki lokho, abantu bamhlasele endlini beyofuna imali yabo, igcine seyikhokhwa ngudadewethu. Siqale ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi umyeni wakhe esibikela ukuthi udadewethu unyamalele, akaziwa, kodwa engawabikelile amaphoyisa. 

“Kwathi uma simbuza ukuthi akawabikelile ngani amaphoyisa ngokunyamalala kukadadewethu, wasitshela ukuthi ubematasa engasitholi isikhathi sokuya emaphoyiseni. 

“Emuva kwenyanga enyamalele, kwatholakala imoto eshisiwe nesidumbu emathuneni aseMolweni, okwaqinisekiswa ukuthi yile ayehamba ngayo udadewethu. Umlotha wathathwa kwayokwenziwa ulibofuzo ukuze kuqinisekiswe ukuthi nguyena ngampela. 

“Selokhu kwatholakala imoto, ubehlale esishusha ngokuthi masiqhubeke sizingcwabele umlotha wakhe singawalindi amaphoyisa,” kusho uNkz Nqeketho.

 Odabeni lwethu lwaphambilini, ILANGA lakhuluma noMnu Sifiso Mbonambi owakuqinisekisa ukuthi imoto eyayihamba uNkk Ndlovu kwakungeyakhe. 

Ebuzwa ngobudlelwano bakhe nomufi waphendula kanje: “Kuyiqiniso, imoto abehamba ngayo bekungeyami kodwa ngicela sibonane ukuze ngikwazi ukuphendula ngobudlelwano ebesinabo nomufi. 

“Ngeke ngikwazi ukukhuluma into ebucayi kangaka kumuntu engingamazi,”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka ewu-46 owaziwayo, ohlobene nomufi. Uthe umsolwa kulindeleke ukuba avele namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleOwodumo kwiChiefs kwelokugwaza umfundi
Next articleInjabulo kubuya izethenjwa ze-Chiefs