Kuboshwe izisebenzi zikaMasipala weTheku zintshontsha

244

PHUMLANI GAMA

KUHLWE emini ezisebenzini ezimbili zikaMasipala weTheku zibanjwa oqotsheni ngamaphoyisa alo masipala zintshontsha udizili ngoLwesithathu. Amaphoyisa abizwe ngemuva kokuba kubonakale ukusuka nokuhlala kwemikhuba yalezi zisebenzi ngesikhathi zigila lo mhola. Zibanjwe zesikhala zemuka ngemoto ebilayishe izigubhu ebezigcwele udizili kamasipala. Konke ebezikwenza bekubonakala emakhamereni afakwe endaweni okugcinwa kuyona lodizili. 

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uCapt Boysie Zungu, abasolwa babonwe kusukela bengena lapho kugcinwe khona udizili. Uthe okwamanje ngeke bayidalule imininingwane eminingi ngalolu daba ngoba kungenzeka kunabanye abathintekayo kulesi sigameko. “Okubalulekile nje esingakuphawula wukuthi umasipala usempini yokulwa nalo lonke uhlobo lobugebengu. Sinxusa umphakathi ukuba usebenzisane nezinhlaka zezokuphepha ukuze kuzoqedwa ubugebengu emiphakathini engaphansi kweTheku,” kusho uZungu. 

Ukuboshwa kwalezi zisebenzi kwandulelwa esinye isigameko esenzeke kuwona lo masipala lapho kuboshwe esinye isisebenzi esibanjwe oqotsheni sintshontsha amakhebuli axhumanisa ukusebenza kwamakhamera. 

INhloko yoMnyango weziNhlekelele neZimo eziPhuthumayo kulo masipala, uMnu Vincent Ngubane, ithe bazobopha noma ngabe ngubani othinteka ebugebengwini kuMasipala weTheku. 

Previous articleUhulumeni uzosebenzisa u-R251 billion ngamaholo ezisebenzi
Next articleBagixabezwe ngodilikajele abawu-5 yize sebezincengela ngokusonta eSheshi