KUBOSHWE NOWESIFAZANE KWABASINDE ITHOLENE PHEZULU PHAKATHI KWAMAPHOYISA NEZINSWELABOYA

155

PHUMLANI GAMA

KUBALWA nowesifazane (31) kwabathathu ababoshwe ngemuva kokuba kusale abawu-6 enkundleni ngesikhathi itholene phezulu ngezulu lezandla phakathi kwamaphoyisa nabesilisa abebefunelwa uxhaxha lwamacala abucayi. Lesi sigameko senzeke ngezithuba zasentathakusa namuhla ngoLwesine eMachobeni eNanda. Ungqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnu Bheki Cele uhambele indawo yesigameko okuyilapho khona efike wakhuluma nomakhelwane abaveze ukuthi umuzi okwenzeke kuwona isigameko bebengazi ukuthi uhlala abantu abathinteka emacaleni amaningi.

“Amaphoyisa enze umsebenzi omuhle. Sibonga amandla kaNkulunkulu ngokuthi kalikho iphoyisa elishonile. Iyakhathaza indaba yokuthi ezigamekweni eziningi zobugebengu obenzeka lapha KwaZulu-Natal kubandakanyeka nabesifazane. Kwesinye isigameko owesifazane watholakala efake isibhamu emathangeni. Labantu bathinteka ezigamekweni eziningi zobugebengu njengoba nasoPhongolo bafike babamba inkunzi bantshontsha isibhamu nemali ewu-R60 000, 00. INanda isiphenduke isidleke sezigilamkhuba kodwa sizokulungisa lokho,” kusho uCele.

NGUMNU Bheki Cele lapho kufe khona abawu-6 ngesikhathi itholene phezulu ngezulu lezandla phakathi kwamaphoyisa nabesilisa abebefunelwa uxhaxha lwamacala abucayi .
ISITHOMBE NGU:NHLANHLA GUMEDE
Previous articleBazongcwatshwa nguhulumeni abatholwe sebeshonile
Next articleUngqongqoshe umangazwe yiKZN kwimiphumela ka-matric