Kuvela ukuthi umsolwa ubeyinukubeza intombazanyana
PHUMLANI GAMA
KUBOSHWE ilungu lomndeni emuva kokutholakala kwesidumbu sentombazanyana sigqitshwe emgodini wendlu yangasese ongajulile emuva komuzi wakubo, eNgudeni, eMkhuze ngeSonto, okunezinsolo zokuthi iqale yanukubezwa. Isidumbu sikaNothando Hlatshwayo (14), sitholwe ngamalungu omphakathi emuva kokuba kuhlatshwe umkhosinjengoba bese kuphele izinsuku eziyisihlanu enyamalele. Ngokusho komthombo osondelene nalolu daba, kunezinsolo zokuthi umufi uqale wanukubezwa ngokocansi ngaphambi kokuba abulawe ngokuklinywa. Kuvela ukuthi ngaphambi kokuba umsolwa ashaqwe ngamaphoyisa, utshele umphakathi ukuthi akazani nokunyamalala kwengane.
Uthe yena uyishayile nje, ngoba eyisola ngokuthi isiqomile. Likhuluma neLANGA ilungu lomndeni kamufi, lithe banethemba lokuthi umthetho uzophenya, iqiniso lihlale obala ngokufa kwale ntombazanyana. Ikhansela lendawo, uMnu Nkosinathi Myeni, lithe sishaqisile lesi sigameko. Lithe okulizwisa ubuhlungu wukuthi sekuvela abantu, ikakhulukazi izihlobo ebezinolwazi ngesimo senhlalo kamufi. “Kunabantu abebenolwazi lokuthi ingane inukubezwa ngokocansi ngumsolwa. Kayilungile le nto njengoba ngihlala ngikhuza, ngiwuyala umphakathi ngokuthi kufanele kuqinisekiswe ukuthi ngaso sonke isikhathi izingane ziyavikelwa.
“Nakulesi simo, bekungafanele abantu bathule ekubeni besibona isimo esingesihle le ngane ebiphilangaphansi kwaso. Sinxusa abesilisa kuba babuyelwe wunembeza, kuvikelwe abesifazane nezingane emakhaya nasemiphakathiniabahlala kuyona,” kusho uMnu Myeni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMkhuze aphenya icala lokubulala emuva kokutholakala kwesidumbu sentombazanyana singcwatshwe ethuneni elingashoni. “Uphenyo lwamaphoyisluholele ekutheni kuboshwe indoda eneminyaka ewu-33. Umsolwa uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yasoBonjeni,” kusho uConst Ngcobo.