KUBOSHWE UDADEWABO WEPHOYISA NGOKUFA KWALO

397

INTATHELI YELANGA
ULALE ebaliwe udadewabo wephoyisa elibulawe ngenyanga edlule emuva kokuqubuka kwezinsolo zokuthi uyathinteka ekufeni kwalo. USgt Nokuthula Somani (55), ubulawe ezinyangeni ezine ezedlule eMzimkhulu, kwathi ngenyanga edlule kwaboshwa uSiyabulela Mbhele (24) osolwa ngokuthi nguyena owamdubula wambulala. Kuleli sonto kuboshwe udadewabo, uNkz Bongeni Somani (42), okusolwa ukuthi uSiyabulela ukhombe yena njengomuntu owayemthengile ukuba ambulale. Ubevele eNkantolo yeMantshi eMzimkhulu ngoLwesibili. Kulindeleke ukuba aphinde avele kuyona le nkantolo ngomhla ka-7 kuMandulo (September). Ngawo uLwesibili, iNkantolo eNkulu eMgungu ndlovu igwebe uSiyabulela iminyaka ewu-22 ebhadla ejele ngokubulala uSgt Somani.


USgt Somani wayesebenzela esiteshini sama-phoyisa aseMzimkhulu. Ngesikhathi ebulawa wayengengekho emsebenzini. Kubikwa ukuthi wathi esazihlalele nje emzini wakhe, kwangena amadoda amabili angaziwa, amdubula ephindelela, waphelela khona lapho. “Abasolwa babaleka ngezinyawo yena akabange esafika esibhedlela, washona ngaleso sikhathi,” kusho uCapt Simphiwe Mhlongo okhulumela oKlebe. Uthe icala elibhekene noNkz Somani liphenywa ngamaphoyisa aseIbisi. OKlebe nabo bayaphenya ngaleli cala.

Previous articleIfunga iyagomela iKaizer Chiefs
Next articleKuqokwe amakhosi azolawula isimo ngosuku lomcimbi weSilo