Kuboshwe umakhelwanengokufa kobezifela ngebhola

363

Bebemsola ngokugqekeza yize umnikazi womuzi “ethe akuyena”

NONHLAKANIPHO SHINGA
UKHALELA ubulungiswa umndeni wakwaShezi eMganka, eBhobhoyi, ePort Shepstone, emuva kokubulawa kwendodana yawo ngomakhelwane, beyisola ngokugqekeza, maqede bahlanza isidumbu sayo negazi lapho ifele khona ngoLwesihlanu ebusuku. Ngokuthola kwaleli phephendaba, kufike abafana bakamakhelwane abebehamba nowesifazane beyofuna uMnu Sizwe Shezi (25), bethi bayombuza ukuthi ngabe nguyena yini ogqekeze kubo, ngoba unina uthe ufanise yena kwabebegqekeza. Kuthiwa uMnu Shezi uthe makuyiwe khona kwamakhelwane yikhona umama wakhona ezozibonela ukuthi kakuyena lona acabanga ukuthi umbonile.


“Uphumile wahamba nabo, nathi sanganaka ngoba siyamazi ukuthi ungumuntu onjani futhi besazi ukuthi akakaze agqekeze ndawo njengoba ebengumfana okhonze ukudlala ibhola, engagangile. “Uhambe nabo sazitshela ukuthi udaba luzolungiseka,” kusho uNkk Busisiwe Mdingi onguyisekazi kamufi. Ngokuthola kwaleli phephandaba, omunye wabasolwa – ogcine eboshiwe uveze ukuthi bathe uma befika kwamakhelwane, umama wakwamakhelwane wathi kakuyena uMnu Shezi ambonile. “Kuthiwa yize noma esesho kanjalo, kodwa umfana wakhona (okumanje uboshiwe), ukhiphe ummese wamhlaba kanye esibeleni sobunxele, washonela khona lapho. “Baqede lapho bayomlahla bude buduze nomtholampilo ngemuva kokugeza isidumbu sakhe.

“Sitholakale singenalo igazi, izingubo abezigqokile zimanzi, nazo zingenalo igazi kucaca ukuthi ziwashiwe,” kusho uNkk Mdingi. ILANGA likhulume nomndeni uphuma emakhazeni, kade uyobheka isidumbu sikaMnu Shezi, wakuqinisekisa ukuthi unenxeba elilodwa emzimbeni. Amalungu alo mndeni athi ayafisa ukuba kwenzeke ubulungiswa njengoba umama lona okwenzeke isigameko kwakhe, kuthiwa nguye ohlanze igazi likamufi emzini wakhe. “Inkinga iqale uma amaphoyisa esethola isidumbu sidindilizile eduze nomtholampilo, sinenxeba kodwa lingekho igazi. Yilapho kubonakale khona ukuthi akabulawelwanga lapho etholakale khona,” kusho lesi sihlobo. Lo mndeni uthi okuwuphatha kabi kakhulu, wukuthi uyazana nabasolwa, unina kamufi nokamsolwa bebesonta ndawonye.


“Bayazana kakhulu omama balezi zingane. Kungani bengafunanga ikhulunywe le ndaba uma kunenkinga? “Ubebulawelwani uSizwe yize sekushiwo ukuthi akuyena ogqekezile? “Ukuhlanzwa kwegazi nokungabizwa kwamaphoyisa ngemuva kwesigameko, kusho ukuthi bebezama ukulahla umkhondo, kube sengathi ubulawe ngabanye abantu, okuyinto esikhathazayo,” kusho elinye ilungu lomndeni. Omunye womakhelwane okhulume neLANGA, ngaphansi kombandela wokuba lingadalulwa igama lakhe, uchaze uMnu Shezi njengomfana obethanda ezemidlalo. “Njengoba ebengasebenzi nje, ubebamba amatoho lapha nalaphayana. “Waziwa ngokuthanda kakhulu ibhola njengoba ebehlala ehamba nabangani bakhe beyodlala lona noma beyolibuka,” kusho lo makhelwane. Okhulumela amaphoyisa, uCol Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokubulala, wakuqinisekisa nokuthi ukhona umsolwa oboshiwe, okulindeleke ukuna avele enkantolo maduze.

Previous articleAbanye abelaphi bendabukobaneqhaza ekubulawenikwabantu – kusho uCele
Next articleUmphakathi uchitheeyokungcwatshwa’kwenkabi’ endaweni