Kuboshwe “umelaphi wendabuko” othumbe ingane (1)

342

INTATHELI YELANGA

ULALE ebaliwe owesilisa “ongumelaphi wendabuko”, osolwa ngokuthumba intombazanyana (1) enxanxatheleni yezitolo eseFree State. Le ngane ibuyiselwe kubazali bayo izolo ngeSonto emuva kokuba inyamalale izinsuku ezintathu.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseFree State, uCapt Stephen Thakeng, unina wale ngane ubike ngokunyamalala kwayo ngoLwesine, eThabong, eWelkom.

Uqhube ngokuthi kuthe uma kubhekwa isithombemnyakazo (video) esithathwe kule nxanxathela yezitolo, kwabonakala owesilisa eyithatha eyongena nayo emotweni eyiSedan, yakhala amaphepha. “Ingane ibuyiselwe kubazali bayo ingenamyocu. Owesilisa (45) uboshelwe icala lokuthumba, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseWelkom maduze,” kusho yena.

Umkhuzi wamaphoyisa wesifunda, uMajor-General Tholie Afonso, unxuse abazali ukuba bangahlukani nezingane zabo, ikakhulukazi uma bematasa bekhithiza ezitolo.

Previous articleI-DA isikaza uNzimande ngejozi lezomthetho kolwezinsolo zamantshontsho
Next articleIyaqhubeka nokusikazana ngeklwa kuNgizwe nomalema