kuboshwe umsubathi nge-corona

775

MZWAMANDLA ZONDI

KUBOSHWE umsubathi waseKenya ohlonishwayo emhlabeni esolwa ngokungayilandeli imithetho ebekwe yizwe lakhe njengoba kuyisikhathi lapho abantu bengavunyelwe ukuphumela ngaphandle ngenxa ye-coronavirus

UWilson Kipsang (osesithombeni) oseke waphatha irekhodi lo mhlaba le-marathon kuthiwa uboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuba etholakale ephuza nabanye abagijimi ngesikhathi se-lockdown. 

UKipsang kusolwa sengathi sizokuba sikhulu isigwebo sakhe kwazise ubuye abe yiphoyisa kuleliya lizwe. 

UKipsang kuthiwa ubezivalele e-bar beziphuzela utshwala ngesikhathi somsebenzi. Lesi sikhathi kuthiwa bekumiswe yonke into. 

Lo msubathi usejwayele ukuhlala esezindabeni njengoba ekuqaleni konyaka uke wangabona ngaso linye nabahlola izidakamizwa njengoba befike bezombheka abangamthola. 

UKipsang ungomunye wabasubathi abahlonishwayo emhlabeni njengoba eke wanqoba iNew York City, iLondon, iBerlin Marathon lapho enza khona irekhodi lo mhlaba kodwa manje eseliphe-thwe ngu-Eliud Kipchoge naye waseKenya ngo-2:01:39. Ngaphandle kokunqoba lama ma-rathon unendondo kuma-Olympic Games.

Lo msubathi unesikhathi esiwu-2:03:13 kwiMarathon esimenza akleliswe kunombolo 6 emhlabeni. 

Previous articleuyelulama owe-netball ohlaselwe yi-corona
Next articleIMaritzburg igaqele ovuthayo kwi-Ajax