Amaphoyisa amshaqe eqhiphotheke nodadewabo emzini kamufi
NOMFUNDO NGWANE
KUBOSHWE nosibari kwabesilisa abathathu abasolwa ngokunyamalala kowesilisa waKwaNdengezi, owagcina ukubonakala mhla ka-29 kuMandulo (September), okuthiwa uzivumele ngomlomo wakhe ukuthi wabulala isoka likadadewabo, isidumbu salo wayosilahla ehlathini eNembe, eBhamshela, esizwa ngabangani bakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA langomhla ka-19-21 ku-Mfumfu (October), labika ngokunyamalala kukaMnu Nkosi Langa (33), okuvela ukuthi waphuma emzini wakhe oseCaversham, ePinetown, watshela unina wezingane zakhe ongudadewabo kamsolwa ukuthi kukhona lapho aya khona emuva kokuthola ucingo.
Amaphoyisa abophe abasolwa abathathu ngokunyamalala kukaMnu Langa, okuthe noma usibari wakhe eseshilo ukuthi wasilahlaphi isidumbu, kodwa athwala kanzima ukusithola.
Amaphoyisa, amalungu omphakathi waseNembe nezinduna zendawo, badele imvula babhudula ehlathini bethungatha isidumbu. Silobe izolo kusihlwa kusathungathwa.
Usibari kaMnu Langa kuthiwa ushaqwe ngamaphoyisa eqhiphotheke nodadewabo emzini kamufi eCaversham, engazi nanyaka. Isiqophamkhondo (tracker) semoto kamufi sikhomba ukuthi sagcina ukusebenza eNdwedwe.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa alandele umkhondo kwatholakala imoto yakhe isishintshwe i-number plate, isihamba omunye umuntu.
Ngesikhathi amaphoyisa efika emotweni kamufi, kutholakale umazisi womunye wabasolwa okuyiwona oholele ekutheni kuboshwe abasolwa nosbari.
ILANGA likhulume nenduna yendawo, uMnu Mbuyiseni Dlamini, ebikhona isizana namaphoyisa ngesikhathi kubhekwa isidumbu, ithe: “Sizobambisana namaphoyisa ukuze kutholakale isidumbu okusolwa ukuthi silahlwe kule ndawo.”
Umndeni kaMnu Langa wafaka isithombe sakhe nasezinkundleni zokuxhumana ucela ukufuniswa yena. Odabeni lwaphambilini, ILANGA lakhuluma nodadewabo omdala kamufi, uNkz Zodwa Langa, owathi umfowabo wazama ukufonela unina wezingane zakhe ngo-21h00 ngosuku ahamba ngalo, kodwa wangalubamba ucingo ngoba wayesaxakekile, okwathi esebuyela kuyena emuva kwemizuzwana wangabe esalubamba.
“Ngakusasa, udaba salubika emaphoyiseni ngoba uNkosi siyamazi, ungumuntu ongahlukani ne-laptop, ubengeke ayishiye ekhaya ukube ubeqonde ukuhamba angabuyi,” kusho uNkz Langa odabeni lwangenyanga edlule. Watshela ILANGA ukuthi akukho lapho bengabheka khona, sebebuya ngisho eNdwedwe kulo mgwaqo isiqophamkhondo esagcina khona ukusebenza, baya ezibhedlela nasemakhazeni kodwa lutho.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa abathathu wathi amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo.