Kuboshwe usomabhizinisi obanjwe nemfuyo yokwebiwa

253

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UDEDELWE ngebheyili yiNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngoLwesine usomabhizinisi owaziwayo waKwaMaphumulo osolwa ngamacala okubalwa kuwo nelokwebiwa kwemfuyo. Kubikwa ukuthi uMnu Dlokwakhe Mhlongo uboshwe emuva kokutholakala kwenqwaba yezinkomo ezebiwe emzini wakhe. 

Uboshwe emuva kokubanjwa kowesilisa obhadanywe nozakwabo beba izimbuzi eNdwedwe. Lona wesilisa kuthiwa uthe bebethunywe nguMhlongo ukuba bamebele. Umthombo uhlebele ILANGA Lempelasonto ukuthi kusize umuntu obone abesilisa bentshontsha izimbuzi, wabe esebiza amalungu omphakathi. “Kuthe uma kubonakala laba abebentshontsha izimbuzi, kwahlangana amalungu omphakathi, kwabizwa namaphoyisa. Babaleke ngemoto, bajahwa. Kuthe besendleleni, bahluleka wukuyilawula, yaginqika. Ababili bakwazile ukuphuma babaleke kodwa oyedwa wabanjwa,” kusho umthombo. 

Uqhuba umthombo, uthi amaphoyisa anikele emzini kaMhlongo. “Afike azithela phezu kwezinye izinkomo eziwu-11 ezebiwe, obekuvele kuvulwe amacala okwebiwa kwazo. Eziwu-6 abanikazi bazo bakwazile ukukhomba omaka bazo, kwathi eziwu-7 zathathwa zayogcinwa kuze kube kutholakala abanikazi bazo. UMhlongo uboshwe nalona oshilo ukuthi bebethunywe nguyena,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe abesilisa ababili, abavelile eNkantolo yeMantshi yaseNsuze. Uthe umsolwa oyedwa udedelwe ngebheyili kanti omunye ubesagcinwe esitokosini.

Previous articleBaklezelwe kogwansile abafuyi bezimvu zoboya 
Next articleOchithwe yiDowns ufongqe isigqoko wacela umsebenzi kwiGallants