Kuboshwe uthunjana”ngokubulala”umfowabo oyinyanga

487

Kuthiwa ubesola umufi ngokumthakatha, wamthengela inkabi efike yamdubula

PHUMLANI GAMA
KUSHAQISE amalungu omndeni ukuboshwa kukathunjana oyamaniswa nezinsolo zokudutshulwa kubulawe inkosana yakwabo eyinyanga sangoma ngoba eyisola ngokumthakatha eZibayeni, eHluhluwe izolo ngoLwesithathu. UMnu Mbongiseni Ngubane (48), (osesithombeni) uhlaselwe wadutshulwa amahlandla amaningi ephambi komnyango wesigodlo sakhe, elungisa amakhambi asiza ngawo abantu endaweni. Kubikwa ukuthi uyisangoma esaziwayo endaweni, wehlelwe yilo mshophi eyedwa egcekeni njengoba namathwasa akhe abesaphumile. Ukuqhuma kwesibhamu endaweni kwethuse abantu abaningi, okuhlanganisa nezinhlaka zezokuphepha emphakathini.


Kubikwa ukuthi kubizwe abosizo oluphuthumayo maqede kwaphakwa amathimba amalungu omphakathi aphume ankanisa kuzona zonke izinkalo, obekusolakala ukuthi abasolwa bazophumela kuzona. Kuthe uma bephuma ehlathini abasolwa, bazithela kumalungu omphakathi ebalindele, emuva kwalokho banikwa umthandazo wasehlathini. Ngokusho kwabebekhona, bathi umfowabo kamufi akapholisanga maseko, uvele walivuma icala maqede watshela amalunguomphakathi ukuthi umfowaboubemsola ngokumthakatha. Ekhuluma naleli phephandaba uNkk Bongekile Ndlovu ongudadewabo kamufi nomsolwa, uthi bashaqekile bethola umbiko wokuthi kubanjwe umfowabo omncane obefike enkabi, edubule yabulalan umufi.

Uthi uzamile ukufonela umfowabo omncane ngesikhathi kusanda kwenzeka isigameko, efuna ukumbikela ngokwenzekile, kodwa wangalubamba ucingo lwakhe. “Bese kuphele amasonto amathathu ngilokhu ngizama ukuxhumana naye, kodwa kungalungi ngoba ngifuna ukuzwa ukuthi uyaphila yini njengoba kusanda kubikwa ukuthi kunezimpi eGoli. Ungumuntu obevele engasabuyi lapha ekhaya. “Sezwa ngamahebezi ukuthi unomuzi eNquthu, sithole ukuthi inkabi abehamba nayo, uyithathe khona. Bebenakho ukuhlala ngokusolana ngokuthakathana, okuyinto esingenabo ubufakazi bayo thina njengamalungu omndeni wabo. “Sishaqekile sesithola ukuthi kuthiwa umfowethu omncane unesandla ekufeni kukamfowethu omdala,” kusho uNkk Ngubane.

ILANGA lixhumane noMnu Masheshisa Mdletshe ongusihlalo we-CPF eZibayeni, oveze ukuthi umsolwa wokuqala kulolu daba uvele waliqula icala ekhombisa nokuzisola ngesenzo sakhe sokuthengela umfowabo inkabi. “Bathole sezigawulwe zabekwa abasolwa ngoba amalungu omphakathi abesenkanise kuzona zonke izintuba zasendaweni. Laba bagile lo mkhuba behamba ngezinyawo, maqede bangena ehlathini okwenze kwaba lula ukubanjwa kwabo. “Inkabi ayithathe eNquthu ilimale edolweni ngesikhathi izama ukubaleka ngemuva kokwenza isigameko. Umufi ubewusizo emphakathini, esiza abantu ngamakhambi okwelapha izifo ezahlukahlukene,” kusho uMnu Mdletshe. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngezinsolo zokubulala.

Previous articleUDALULA ISIZATHU SOKUSHESHE APHUME KUNIKIWE
Next article“Sizoyingcwaba sekuphothulwe icala indodakazi”