SKHOSIPHI MTHEMBU
USHAQWE ngamaphoyisa esekubhaceni owesilisa osolwa ngokubulala umfundi ka-matikuletsheni obengunina wengane yakhe eneminyaka emibili.
Kubikwa ukuthi umsolwa (esiligodlile igama lakhe aze avele enkantolo), ushaqwe ngamaphoyisa ngoLwesithathu ngezinsolo zokushaya abulale uNkz uZinhle Khathi (18) (osesithombeni) obengumfundi waseSphapheme High School, KwaDumisa, eMzinto.
ILANGA ngoMsombuluko libike kabanzi ngalolu daba, lapho kuvele ukuthi umufi wayekubo ngeledlule ngesikhathi kungena uyise wengane yakhe wafike wamshaya, wamshiya sekusele umndondo.
Omakhelwane bathi bambona umsolwa engena endlini okwakukhona kuyona umufi, emuva kwesikhashana bamuzwa ekhala.
Ilungu lomndeni – esiligodlile igama lalo – elakhuluma naleli phephandaba, laveza ukuthi umsolwa ubejwayele ukushaya umufi aze amlimaze.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZuluNa-tal, usigxekile kakhulu lesi senzo.
“Amaphoyisa asishayele esazisa ukuthi aqeda kumlanda umsola, utholwe ebhace ezakhiweni eReservoir Hills (eThekwini). Umndeni kamsolwa ubusubalekile endaweni, usaba umphakathi ukuthi hleze uwenzakalise. Asesazisile nokuthi imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ikuqinisekisile esasikusola kokuthi ubulewe, akazishobelanga. Phambilini uyise wengane kaZinhle ebu-zwa ngamaphoyisa ngokufa kwakhe, wathi yena uyile ukuyombheka njengoba bekubikwe ukuthi uyagula, kodwa wa-mshiya ephila,” kusho ilungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi ukhona umsolwa oseboshiwe ngecala lokubulala, uzovela maduze enkantolo.
skhom@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za