Kubukeka ezogcina kwiChiefs uMbule

296

Kuthiwa isibeke eceleni u-R10 million wokumthenga

SENZO SOKHELA

ZIYA ngokuqina izinsolo zokuthi umdlali weSuperSport United, uSipho Mbule angase ajoyine iKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi isibeke eceleni imali engu-R10 million efuna ukumthe-nga ngayo.

Abalandeli beChiefs babheke ngabomvu ukuthi le kilabhu izo-sayinisa obani njengoba siphele ngeledlule isigwebo sayo soku-ngavunyelwa ukusayinisa abadlali amawindi amabili.

Leli phephandaba lithole ukuthi le kilabhu isibeke ibhajethi eyela ku-R60 million ezothenga ngayo abadlali abasha.

Iqalile ngeledlule njengoba kuvela ukuthi ithenge uNjabulo Ngcobo weSwallows oyisitobha ngetshe lemali.

Kuthiwa manje ingqongqoza kwiSuperSport njengoba ifuna uthuli uMbule. 

“IChiefs imfuna uthuli uMbule, umqeqeshi uStuart Baxter umazi emncane ngesikhathi esakwiSuperSport. IChiefs ibeke u-R10 mi-llion efuna ukumthenga ngawo.

“Angiboni iSuperSport iwuvuma, mncane kakhulu. Kodwa sizo-bona ngoba iChiefs iyamdinga,” kusho umthombo.

UStanley Mathews oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport ebuzwa ngalolu daba, ushaye ngama-fuphi wathi: “UMbule akadayisi, sizomdayisa kuphela uma eya phesheya.”

UVina Maphosa wezokuxhuma-na kwiChiefs, uthe uma kukhona okwenzekayo bazomemezela.

Previous articleUZuma ngeke aphucwe imihlomulo
Next articleBafudukela kuleli abaseSwazini