Kubulawe ababili abasolwa ngokuba ngamasela emfuyo

79

Bavukelwe ngabantu endleleni babagenca bashona

SKHOSIPHI MTHEMBU
ISIKHUNI sibuye nomkhwezeli kwabesilisa ababili abavukelwe ngabantu abangaziwa beqhuba izinkomo zokwebiwa maqede babagenca bababulala. Lesi sigameko esenzeke ngo-Msombuluko, sithuse abantu abaningi eFaduka, eHlobane, emuva kokuba kuse ekuseni sekudindilize izidumbu ezimbili, okunguMnu Sipho Nene noMnu Mcwayizeni Msibi. ILANGA lihabule ngomthombo walo osendaweni ukuthi laba babulawa nje, inkinga yokwebiwa kwezinkomo ixakile kule ndawo, kanti ababulewe nabo bebesoleka ukuthi bayathinteka ezigamekweni zokwebiwa kwemfuyo.


Umthombo uthi abasolwa bebebathathu ngesikhathi bevukelwa ngababulali, kodwa oyedwa wabo ukwazile ukuphunyuka abaleke okunguyena ohlabe umkhosi. Uthe bavinjezelwa ngabantu nje, ‘bebebuya ukuyokweba izinkomo eziwu-15’ endaweni okuthiwa iKwaMzwezwe, eVryheid. “Lezi zinkomo kuvela ukuthi zebiwe emindenini emibili kwaMzwezwe. Bahambe nazo ibanga elide beziqhuba. Babe sebevinjezelwa ngabantu abanga-ziwa, babagenca ngocelemba umzimba wonke. “Omunye wabo ukwazile ukuphunyuka abaleke, kwathi ababili bashonela endaweni yesigameko. Lona obalekile uhambe waze wayofika kumfowabo kaNene, wafike wambikela ngokwenzekile.
“Uchazile ukuthi bebeqhuba izinkomo abazebile babe sebevinjezelwa ngabantu abangabazi. Ushilo ukuthi indlela abebebagenca ngayo, akaboni ukuthi basaphila.


“Babe sebethinta amaphoyisa anikela khona endaweni yesigameko. Afike sebevele sebethule, benamanxeba okugencwa umzimba wonke. “Nezinkomo okusolakala ukuthi bebeziqhuba, nazo zitholakele emuva kokuba amalungu omphakathi ebone umhlambi wezinkomo uzulazula, okwenze wasola ukuthi zebiwe,” kusho umthombo. Uthi lona ophunyukile akabange esaya emaphoyiseni, emuva kokuveza lokhu ubalekile. “Ngiyacabanga ukuthi ubalekiswe wukwesaba ukuthi naye uzoboshwa njengoba izinkomo kugcine kutholakele ukuthi bezebiwe KwaMzwezwe,” kusho umthombo.


ILANGA lishayele uMnu Nene elingatholakalanga igama lakhe, ongumfowabo womunye wabashonile, osiqinisekisile lesi sigameko. Uvumile ukuthi esinye sezidumbu ngesakubo, wakhala ngempatho ayithole emaphoyiseni. “Ngiziyele mina endaweni yesigameko ekubeni sengiwacelile amaphoyisa ukuba angiphelezele kodwa angakwenza lokho. Ngize ngazitholela isidumbu sikamfowethu kanye nalona abulewe naye,” kusho yena. Ebuzwa ngezinsolo zokuthi umfowabo ubesolwa ngokuqhuba izinkomo ezebiwe, uthe ngeke aphawule kulokho ngoba ngesikhathi efika endaweni yesigameko, akazange azibone izinkomo noma ubulongwe obungafakazela lokho. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala. Bekungakaboshwa muntu.
skhom@ilanganews.co.za

Previous articleBakhuthaza ukuzimela ezintombini nto
Next articleIsimemezelo ngehlambo leSilo uZwelithini kaBhekuzulu