NOMFUNDO NGWANE
ISIHLUKU kudutshulwa kubulawa abashadile phambi kwezingane zabo eMaswazini, eTaylors, ngaseMgungundlovu besemotweni bebheke emzini wabo.
Kusaduma amakhanda emndenini walaba abashadile ngokubulawa ngesihluku phambi kwezingane zabo, eneminyaka ewu-3 nenewu-8 ubudala, ababulali bajike kabaze bathatha lutho.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Mhlabunzima Nxele obesebenza emnyangweni wezamaciko namasiko KwaZulu-Natal, nenkosikazi yakhe uNkk Thobeka Nxele uMaDlamini obenguthisha, badutshulwe ngabantu abangaziwa besendleleni bephuma kubo kankosikazi, beya emzini wabo.
Ngokuthola kweLANGA ngoMnu Khulekani Dlamini ongumfowabo kamakoti, uMnu Nxele ubephuma ekhweni lakhe eliseMaswazini ukuyolanda umkakhe nezingane abebevakashile ngesikhathi behlelwa yilo mshophi.
“Kasinalo ulwazi oluningi njengoba bebehamba nezingane emotweni. Usbari ubesanda kuphuma lapha endlini ukuzolanda udadewethu obevakashe ekhaya nezingane zabo.
“Sithole ukuthi bavinjwe yimoto engaziwa besemgwaqweni efike yavulela ngenhlamvu kubona bobabili yabashiya bethule maqede yashaya yachitha. Ababulali kabathathanga lutho emotweni nezingane kabazenzanga lutho,” kusho uMnu Dlamini.
Uqhube wathi okubaphethe kabi kakhulu bewumndeni wukuthi le ngane eneminyaka ewu-3 iyibone yonke into eyenzekile kanti kumanje iyixoxa yonke injengoba injalo.
“Sizama ukuthi izingane zithole ukwelulekwa ngokomqondo ngento eziyibonile kubulawa abazali bazo ngesihluku esingaka,” kusho uMnu Dlamini.
Uthi bebengakaze babikelwe ngabafi ngezitha, okwenza badideke ukuthi kungani bebulewe ngesihluku esingaka.
* Khonamanjalo, eMthandeni, eLonsdale ngaseStanger, kudutshulwe abashadile besemotweni kwashona indoda, inkosikazi yaphuthunyiswa esibhedlela ilimele kanzima.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Njabulo Zikalala obenguthisha udutshulwe wabulawa ehamba nomkakhe esiligodlile igama lakhe kwazise uphuthunyiswe esibhedlela kukubi.
Kuthiwa laba bebephuma edolobheni eStanger ngesikhathi behlaselwa ngababulali abangaziwa sebengena egcekeni lomuzi wabo. Kuthiwa ababulali badubule bephindelela uMnu Zikalala ogcine eshonele endaweni yesigameko.
UMnu Mervin Zikalala utshele ILANGA ukuthi basadidekile ngento eyehlele uyise omncane. “Kazikho izinkinga noma izitha ebesizazi abebhekene nazo. Sisethukile siwumndeni ngokubulawa kwakhe ngesihluku esingaka,” kusho uMnu Zikalala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uziqinisekisile lezi gameko.
Uthi kuvulwe amacala okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala kanti amaphoyisa asaphenya.
nomfundo@ilanganews.co.za