INTATHELI YELANGA
KUDUTSHULWE kwabulawa esinye isikhulu sezamanzi kuMasipala weTheku sisemzini waso eMandeni ngoLwwesihlanu. Ukubulawa kukaMnu Emmanuel Ntuli kuqinisekiswe yiMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda.
“Sishaqekile ukuzwa ngokudlula emhlabeni kuka-Emmanuel Ntuli. Sinxusa wonke amalungu omphakathi angaba nolwazi ngalesi sigameko ukuba axhumane namaphoyisa ukuze abenzi bobubi bezobhekana nengalo yomthetho,” kusho uMnu Kaunda. Uchaze uNtuli njengomuntu obezinikele futhi etholakala kalula uma edingelwa umsebenzi wakhe. “Sizwakalisa ukuzwelana nomndeni, abangani nozakwabo bakaNtuli. Umnikelo wakhe ekuthuthukiseni impilo yabantu baseThekwini ngeke wafaniswa nalutho,” kuqhuba uKaunda. UNtuli ubulawa nje, ngoMandulo (September) kudutshulwe kwabulawa uMnu Khumbulani Chonco (51), obeyimenenja yezokuxhumana kwezamanzi nokukhucululwa kwendle kulo masipala. Isidumbu sakhe satholwa emotweni yakhe yomsebenzi eTafuleni, eNanda sinamanxeba amabili okudutshulwa ekhanda. NgoMbasa (April) ka-2022, kwadutshulwa kwabulawa isisebenzi sesifazane esasibhekene nokukhishwa kwamaloli amanzi ayehlelelwe ukulekelela imiphakathi eyakhahlanyezwa yizikhukhula.