SKHOSIPHI MTHEMBU
BASHAQWE nensavunsavu yemali yokwebiwa abasolwa ababili kwelokudutshulwa kubulawe ikhehla, kufunwa imali ebelizokwenza ngayo umsebenzi – ebeliyigcine emzini walo.
Kubikwa ukuthi abasolwa ababili bashaqwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko, kusanda kuhlaselwa umndeni wakwaNgcobo eSigquzuka, eNdwedwe, lapho kubulawe khona uMnu Qalindoda Ngcobo (61).
Umthombo utshele ILANGA ukuthi ngosuku lwesigameko, kufike abasolwa kwaNgcobo.
“Umufi uphume waya kubona, ezitshela ukuthi ngabantu abeze kuyena. Bathe sebesondele kuyena, bamkhomba ngesibhamu, bamphindisela endlini abehleli kuyona nenkosikazi yakhe. Babashayile qede bababopha izandla, ba-thatha inkosikazi baphuma nayo, bayifuna imali. Umsolwa oyedwa usale nomufi emgadile, ababili bahambe nenkosikazi baya kwenye indlu obekubekwe kuyona imali, bayithatha,” kusho umthombo.
Uqhuba ngokuthi sebebuyela endlini, obekusele kuyona umufi nomsolwa oyedwa, bafike esemdubulile, bashaya bachitha nemali.
ILANGA lithole ukuthi amaphoyisa ancinzwe indlebe ngokuthi abasolwa babonakale KwaDukuza ngosuku lwesigameko besahamba ngemoto abebehamba ngayo befika kwaNgcobo.
Ababili babalekile ngesikhathi kuqhamuka amaphoyisa, abanye ababili babanjwa. Amalungu omndeni wakwaNgcobo anqabile ukuphawula ngalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko, wathi kukhona ababili abasaphonswa imibuzo ngamaphoyisa.