kubulawe induna ebisolwa ngokujola nomkamuntu

770

NOMFUNDO NGWANE noMTHOBISI SITHOLE

IBISOLWA ngokujola nomfazi kamakhelwane wayo induna etholwe ibulewe eceleni kwesibaya somuzi wayo esigodini saseMsamo, eNquthu, ngoMsombuluko ekuseni.

Kubikwa ukuthi uMnu Thembinkosi Sithole (65), obeyinduna esigodini saseMsamo, udutshulwe w-bulawa ngentululwane yezinhlamvu ngabantu abangaziwa ezintatha zangoMsombuluko esegcekeni lomuzi wakhe. 

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi induna ibulawa nje, bekunezinsolo eziqinile zokuthi ithandana nenkosikazi yomunye womakhelwane bayo.

Udaba lokujola kwabo kuthiwa beselungenelwe nayimindeni yabo, isimo singasesihle phakathi kwemindeni yomibili. ILANGA lithole ukuthi induna ibulawa nje, bekungakapheli ngisho inyanga amadodana ayo ehlasele owesifazane osolwa ngokujola noyise, afike amthela induku emsola ngokuthandana noyise wabo. 

Kuthiwa udaba lwamadodana enduna lokushaya ishende likayise lugcine selubikwa enkosini yesizwe. Kuthiwa alishaya ishende likayise alishiya ezitshela ukuthi lifile.

“Kakuphelanga ngisho isonto amadodana enduna ehlasele lo wesifazane kwabe sekuhlaselwa yona induna emzini wayo. Kuleso sigameko yasinda ngokulambisa njengoba umuntu obezoyidubula ehluleke esebhekene nayo kwanxapha isibhamu, induna isiphambi kwakhe. 

Umhlaseli kugcine ngokuthi abaleke ngoba isibhamu singafuni ukudubula, sinxapha,” kusho umthombo.

Uqhuba umthombo, uthi udaba lomjolo wenduna nalo wesifazane bese luphenduke into okuphuzwa ngayo amatiye esigodini saseMsamo njengoba abantu bebebasola, bebatshela ukuthi kayilungile le nto abayenzayo njengoba beshadile bobabili. 

Uthi amadodana enduna ashaya lo wesifazane nje, yingoba ayemsola ngokuthi uzochitha umuzi kanina ngokujola noyise ebe eshadile.

Inkosi yesizwe sakwaSithole eQhudeni, uMnu Khumbulani Sithole, isiqinisekisile lesi sigameko, yathi ngaphambi kokubulawa kwenduna kuqale kwangena icala ebelibhekene nezingane zayo eziwu-5, amantombazane amathathu nabafana ababili, besolwa ngokuhlasela owesifazane endaweni, bamshaya bamlimaza bemsola ngokujola noyise. 

Iphinde yaqinisekisa ukuthi induna ibulawa nje, bekungakapheli ngisho isonto kufike umuntu emzini wayo ezozama ukuyibulala kodwa wehluleka.

“Induna ishone kusamele ihlawule izinkomo eziwu-5 ngezinsolo ebibhekene nazo zokuthandana nenkosikazi yomuntu. Umphakathi ubusuphakamise nokuthi yehliswe esikhundleni sayo,” kusho inkosi.

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe likhona icala lokubulala elivuliwe, bekungakaboshwa muntu amapho-yisa asenza uphenyo. 

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleKubulawe abashadile phambi kwemindeni nezingane
Next articleUfele “ukwenqaba ukuphekela umnyeni”