Kubulawe induna ezalwa nenyanga yodumo lokucupha inqunu

274

SKHOSIPHI MTHEMBU

UTHUKA izanya umndeni wenduna edutshulwe yabulawa ngabantu abazenze abebeyofuna indawo ngoLwesibili. 

UMnu Vela Shandu (54) (osesithombeni), obeyinduna ezigodini ezintathu – eMhlangeni, eNdlondlo naseManda Farm – kubikwa ukuthi udutshulwe engaphandle komuzi wakhe. Ubulawa nje, kawukapheli unyaka kudutshulwe kwabulawa umfowabo, uMnu Solomon Shandu, obeyinyanga edume ngokucupha amathuna inqunu. Inyanga idutshulwe ngabantu abazenze abadinga usizo lokwelashwa. Kuthe sebenayo esigodlweni, bayidubula yashona.

 Ilungu lomndeni elikhulume neLANGA – elingeke lidalulwe ngenxa yobucayi bodaba – lithe basadidekile ukuthi boneni njengoba sekudutshulwe elinye ilungu lomndeni. Lithi yize bengayazi imbangela yokubulawa kwenduna, kodwa bayasola ukuthi kuhlobene nokubulawa kwenyanga. 

“Laba bantu bebengaqali ukufika. phambilini bazibiza ngokuthi ngabakwaShandu, eShowe, bafuna indawo. Lokhu kufakazelwa wukuthi ngesikhathi sebengenisiwe egcekeni, induna ikhombise ukungabaxwayi,” kusho leli lungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa asaphenya. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleBesisanda kushonelwa isisebenzi sezemvelo esibulawe yimvubu
Next articleIngebhe nendumalo emndenini umyeni enikwa ibheyili