NOMFUNDO NGWANE
ILANDELE umyeni wayo obengusomatekisi, okuthiwa ubesatshiswa okwenyoka, inkosikazi edutshulwe yabulawa ngeSonto, iphuma emzini wakhe eNjobokazi, eMpumalanga, eHammarsdale.
ILANGA lithole ukuthi uNkk Wendy Shange (36) ubulawa nje, ngenyanga edlule kudutshulwe kwabulawa ngentululwane yezinhlamvu umyeni wakhe, uMnu Nkosingaye Shange, obengusihlalo kusoseshini waKwaNdengezi, eThekwini. Kubikwa ukuthi uNkk Shange ubehamba nendodakazi yakhe (16) ngesikhathi ehlaselwa. Ubulawa nje, ngoMgqibelo bekuqala umkhankaso wezinsuku eziwu-16 wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, okuwumkhankaso owenziwa minyaka yonke emhlabeni jikelele.
ILANGA likhulume nekhansela laKwaNdengezi, uMnu Dumsani Nsondwane, elithe: “Kubuhlungu ukuthi sekungaze kubulawe umuntu wesifazane ngesihluku esinjena. Abantu besifazane ngabokuvikelwa yithina amadoda. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe.
“Umyeni wakhe ubebambe iqhaza elikhulu emphakathini waKwaNdengezi nakusoseshini wabo.”
Iphunzile imizamo yeLANGA yokuthola amalungu omndeni wakwaShange.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane.
nomfundo@ilanganews.co.za