Kuthiwa kugasele abebezenza iziguli ezifuna usizo, okuthe uma bengena nayo esigodlweni, bayidubula
SKHOSIPHI MTHEMBU
ASATHUKA izanya amalungu omndeni wenyanga ethelwe phansi ngoyaba lwezinhlamvu isesigodlweni sayo eKhovothi, eMandeni, edume “ngokucupha” isidumbu nethuna, ishaya ngesudu yesele. UMnu Bhekumuzi Shandu ubulawa ngoLwesibili ngeledlule nje, ngoMgqibelo bekulindeleke ukuthi ayoqhuba umsebenzi wakhe adume ngawo eCape Town. Kubikwa ukuthi uMnu Shandu ubulawe ngabantu abangaziwa phambi kwenkosikazi yakhe, okuthiwa bafike emzini wakhe bazenza abantu abazofuna usizo ngokwelashwa, okuthe uma engena nabo esigodlweni sakhe, babe sebekhipha izibhamu, bamdubula. Kubikwa ukuthi ukwazile ukudlubulundela esigodlweni, waphuma ebheke endlini yakhe, nokuvele ukuthi ubezama ukuyolanda isibhamu sakhe abesishiye khona.
Ukubulawa kwakhe kwethuse abaningi, nasezinkundleni zokuxhumana. UMnu Shandu waziwa kakhulu “ngokucupha ithuna” engagqokile, ngenhloso yokuthi ababulali baloyo muntu nabo bamlandele bafe. Eminyakeni edlule kuke kwasabalala izithombe nama-video akhe esemingcwabeni eyahlukene, ephakathi kwabantu, enza umsebenzi wokucupha ithuna. ILANGA lihambele umndeni wakwaShandu ngoLwesibili ukuyobheka isimo njengoba naphambilini like labika ngaye ngomsebenzi wakhe owawushiya abantu bengawuvali umlomo. UMnu Vela Shandu ongumfowabo kamufi, oyinduna nelungu leCPF endaweni, uthe akukho okuningi abazokukhuluma ngoba
kabazi ukuthi umfowabo ubulawelweni.
Uthi njengoba eyinduna, akaze ambikele ukuthi kukhona axabene nabo, yingakho besadidekile. “Umndeni usadidekile futhi kawukho esimeni sokuthi ungakhuluma ngokwenzekile. Yize ubedume ngomsebenzi wakhe, kodwa lokhu ubengakwenzi lapha endaweni. “Ubephuma eya ezindaweni ezikude ngaphandle kwalapha. Kasazi ukuthi ubulawelweni,” kusho yena. UMnu Shandu uthe okubaphatha kabi wukuthi ngisho ungaya nomkhondo emaphoyiseni, akufuna ubufakazi okuyinto eyenza abantu babe manqika ukuwahlebela uma kukhona abakwaziyo noma abakubonile. Umngani obesondelene kakhulu nale nyanga ocele ukungadalulwa, uthe ubulawe ezoya eCape Town ngayo le mpelasonto afihlwe ngayo, eyokwenza umsebenzim wokucupha ithuna.
“Bekungenye indoda lena. Ngisho umbuza ngalo msebenzi wakhe ubekutshela ukuthi yinto ayiphiwa ngabadala, ethi ukuze yenzeke kahle, kumele akhumule, asale nqunu ngoba ngale kwalokho, ngeke kwenzeke lokhu asuke ekufuna. “Mina bengihlala naye kakhulu, ubengakaze angitshele ukuthi kukhona axabene nabo,” kusho umngani kamufi. UMnu Simphiwe “Ntshebe” Mdunge oyikhansela kule ndawo, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kukaMnu Shandu ngoba ubehlonishwa endaweni. Uthi kule ndawo bakhungethwe kakhulu wubugebengu obuhlanganisa ukubulawa kwabantu. “Ngikhuluma nawe nje, kuyona le nyanga kuzoba khona imashi ebheke esiteshini samaphoyisa eSundumbili, kuyofunwa izimpendulo ngamanye amacala abikwa kusona lesi siteshi namanje okungakaboshwa kuwona. “Sikhathazekile kakhulu ngalezi zigameko ezibonakala zanda emphakathini,” kusho ikhansela. Okhulumela amaphoyisa, uConst Thenjiswa Ngcobo uthe kuvulwe icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu.
skhom@ilanganews.co.za