Kubulawe owesifazane nengane belele endlini

352

Uqale wadlwengulwa, wagwazwa namanxeba awu-15

UNKZ Mbali Dube (21) odlwengulwe wabulawa nengane kadadewabo, uSiyethemba Dube (3).

SKHOSIPHI MTHEMBU
WETHUKA izanya umndeni wakwa-Dube, eMangosuthu, eDumbe, emuva kokuba umgulukudu ungene khona entathakusa yango-Lwesihlanu, wadlwengula indodakazi yakhona wayibulala nengane kadadewabo eneminyaka emithathu ubudala. Kuthiwa umbulali ugqekeze isicabha wadlwengula uNkz Mbali Dube (21) maqede wamgwaza amanxeba awu-15 ngaphambi kokuba abulale uSiyethemba Dube (3), obelele noMbali embhedeni. Umndeni utshele ILANGA ukuthi enye yezingane ebikhona endlini, isizwe wukuzilalisa ngesikhathi umbulali egila lo mkhuba. Kuthiwa ingane esindile yiyona ehlabe umkhosi ngesikhathi umbulali esebalekile emuva kokugila lo mkhuba.


UNkz Bonisiwe Ntshangase ongudadewabo kamufi, uthi namanje basaxakekile ukuthi ngubani lo owenze into ebuhlungu kangaka. Uthi isihluku esisetshenziswe ngumbulali, sikhombisa ukuthi ubehlose ukuqeda ngodadewabo. Isigebengu sikhahlele isicabha, sangena sadlwengula uMbali. Siqede lapho samgwaza siphindelela. Sisuke lapho sajikela kuSiyethemba samshaya ngesando ekhanda, samgwaza ngaphambi kokuba sibaleke. “Umndeni uze wavuka ngoba sekukhala ingane ebikhona endlini, okuyiyona ebonile kubulawa unina omncane. Sifike uMbali esaphefumula, kubonakala ukuthi usezinhlungwini. Uphuthunyiswe esibhedlela okuyilapho eshonele khona.


“Yilapho esithole khona ukuthi umbulali uqale wamdlwengula. Ibuhlungu into eyenziwe yilo muntu lapha ekhaya, ekhipha imiphefumulo yezingane zisencane kangaka!” kubalisa uNkz Ntshangase othi akukho abakusolayo njengomndeni mayelana nokuthi ngubani owenze lokhu. UNkz Thulebona Mthethwa oyikhansela kule ndawo, uthe ubugebengu sekuyinto eqala ukwanda endaweni yabo njengoba emasontweni embalwa edlule kuke kwathunjwa ingane. “Ngenhlanhla itholakale umuntu oyithumbile engakayenzi lutho. Lesi sigameko esenzeke kwaDube, sesenze isimo saba nzima kakhulu emphakathini ngoba usuhlala ngokwesaba manje,” kusho uNkz Mthethwa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala okubulala. Ucele noma ngubani ongaba nolwazi ukulekelela ama-phoyisa ashayele ku: 0860010111.

Previous articleUmculi ubabaza ikhono likaZahara
Next articleKulindwe indlunkulu kolomfuziselo weSilo uShaka