PHUMLANI GAMA
SITHOLWE ngamalungu omphakathi sesiqala ukonakala isidumbu somelusi wezinkomo okusolwa ukuthi ushaywe wabulawa ngabesilisa okusolakala ukuthi bebegweve nezinkomo abazintshontshe epulazini eMossel Fontein, eVryheid.
Isidumbu sikaMnu Lindokuhle Buthelezi (21) (osesithombeni) sitholwe ngamalungu omphakathi abephume inqina emthungatha, ngokubambisana nezinhlaka zezokuphepha. Umufi kusolwa ukuthi ushaywe ngabesilisa abawu-5 bakuyona le ndawo. ILANGA lithole ukuthi sekuboshwe ababili.
Ngokulandisa kukaMnu Mxolisi Mchunu, ongumnikazi wepulazi obekusebenza kulona uButhelezi, uthole umbiko ngokuhlaselwa kwezisebenzi zakhe ebezizama ukulandela umkhondo ngokunyamalala kwezinkomo zakhe eziwu-10 – okuthe sezizitholile, zahlaselwa.
ILANGA lixhumane neMeya yaseBaqulusini, uMnu Khehla Mkhwanazi, ethe nayo seyike yaba yisisulu sokwebelwa imfuyo.
“Lilodwa ikhambi okufanele lisetshenziswe ukulwa nalesi sihlava, wukuthi izinhlaka zezomthetho -okungamaphoyisa nezokushushisa – ziqinise isandla uma kuqulwa amacala alolu hlobo. Ukuthatha inkomo yomuntu kuyefana nokuntshontsha imali yakhe, ngoba esikhathini esiningi imfuyo yiyona esizayo emakhaya, kufundiswa ngayo izingane ezikoleni,” kusho uMkhwanazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMondlo abophe abasolwa ababili abayanyaniswa namacala amathathu okungelokubulala, elokushaya nelokuthumba. “Abasolwa bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseVryheid ngoLwesithathu,” kusho uConst Ngcobo.