KUBULAWE UMFUNDI NGESIHLUKU EMKHANYAKUDE

560

MTHOBISI SITHOLE
KUSHAQISE umphakathi ukutholakala kwesidumbu somfundi ikhanda laso lihlukaniswe nomzimba ehlathini kwaManondo, eMkhuze, eMkhanyakude ngoMgqibelo. Ngokuthola kweLANGA kubikwa ukuthi uThando Donda (17) (osesithombeni) obefunda eSdingimfundo High, owenza uGrade 11, utholwe yilungu lomphakathi ebelifuna izinkomo. Kuthiwa umfundi unyamalale ekhaya mhla ka-22 ngenyanga edlule, ehambe eya esikoleni. UNkz Ncamile Mdletshe oyilungu lomndeni, uthi kubethusile okwenzekile ngoba indawo yaseMkhuze ayaziwa ngezigameko zokunqunywa kwabantu. Uthi ngokwabo basola ubugebengu bokunukubeza obekuyinhloso. “Eceleni kwesidumbu kutholakale isitsha sakhe sokudla nezincwadi nezimpahla zangaphansi. Lokhoke kuyizinsolo eziqinile zokuthi kungenza ukuba udlwenguliwe ngaphambi kokuba abulawe.


“Ngokushona kwayo ingane asazi singasola bani, kodwa imidlinzo yethu ithi kungenzeka umbulali ubehlale eyibona uma ihamba yodwa, wayakhela uzungu,” kusho uNkz Mdletshe. Utshele leli phephandaba ukuthi isikole siqhelile, okwenza abafundi bahambe ibanga elide ehlathini ngoba alukho uhlelo lwezithuthi zikahulumeni kubafundi abasebangeni eliphezulu. Uthi okwamanje basalindele ukuhlolwa kwesidumbu odabeni lwezinsolo zokudlwengulwa. Uveze nokuthi umfundi uzofihlwa ngempelasonto. Induna yesigodi uMnu Fanele Fakude, igxeke umphakathi wa-kwaNgwenya ngalesi sigameko.


Ithi ngeke kusuke isigcwelegcwele endaweni ekude sibulale emphakathini. Ikhale kakhulu ngokuthi abafundi bahamba ibanga eliwu-5km uma beya esikoleni, badlule ezindaweni ezingaphephile ngenxa yokuthi izikole zikude.“Nyakenye eduze kwenkantolo yenkosi kunqunywe ingane. Zonke lezi zinto zishiya nemibuzo yokuthi ngubani lona onesihluku esingaka. Le nto eyenzekile iwuhlukumeze kakhulu umphakathi,” kusho uMnu Fakude. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi bathemba ukuthi buzokwenzeka ubulungiswa kwezomthetho ngalesi sigameko. “Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, othisha nabafundi nasezihlotsheni. Ukulimala komfundi kuyamuhlukumeza kakhulu uNgqongqoshe uMnu Mshengu ngoba abantwana sithembele kubona njengoba befunda ekwakhiweni kahle kwezwe,” kusho uMnu Mthethwa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala. Bekungakaboshwa muntu
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuhlonishwe uShenge ngamagalelo enyuvesi
Next articleUfungisiwe undunankulu