Kubulawe ummeli obesolwa etulweni lokusoconga imeya

395

Udutshulwe wabulawa emzini wakhe, kubuka amalungu omndeni

NGUMNU Zakhele Khanyile (42) ongummeli, odutshulwe wabulawa esemzini wakhe eMpangeni.

PHUMLANI GAMA
SETHUSE abaningi sabashiya bebambe ongezansi, isigameko sokudutshulwa kubulawe ummeli waseMpangeni esemzini wakhe, ngezithuba zantambama ngoLwesine eMacekane, eMpangeni. UMnu Zakhele Khanyile (42), uhlaselwe ngabasolwa abane abebehamba ngemoto. Kubikwa ukuthi umufi wehlelwe yilo mshophi enamanye amalungu omndeni, benza imisebenzi yasegcekeni. Kuthiwa kuqale ngokuthi kubonakale imoto idlula ngasemzini wakhe ingasolisi, kuthe emuva kwesikhashana, yabuye yajika, abebehamba ngayo begqolozele umuzi kaMnu Khanyile.


Ngokusho komthombo osondelene nalolu daba, umufi uhlaselwe ngabasolwa abane abamdubulile. “Oyedwa wabasolwa ujikile, wabuye wazoqedela umufi ngokumdubula, waphetha ngokushonela endaweni yesigameko. Sethuse abaningi isigameko sokudutshulwa kwakhe,” kusho umthombo. Umufi wehlelwe yilo mshophi nje, ungaphandle ngebheyili kulandela isigameko sokuboshwa kwakhe ngo-2021, esolwa ngokubamba iqhaza ekwakhiweni kwetulo lokuzama ukubulala uNobhala we-ANC eFar North, uMnu Thobelani Ncamphalala, owayeyimeya yaseMtubatuba. UMnu Khanyile ubesolwa ngokuthi nguyena owayeshayela imoto eyayithwele izinkabi ezine ngesikhathi kuyobanjwa umhlangano wokwakhiwa kwetulo lokubulala uMnu Ncamphalala.


Kwavela ukuthi lo mhlangano wawukade ubanjelwe eMkhuze. Ukuboshwa kwakhe kwaholela ekutheni awudlele esitokisini uKhisimusi wangonyaka ka-2021, kulandela ukwenqatshelwa kwakhe ibheyili yinkantolo yaseMtubatuba. Inkantolo yabeka izizathu ezahlukahlukene, okwakuhlanganisa nesokutholakala nomakhalekhukhwini esitokisini. “Omunye wabameli u-Adv Bonga Khumalo, ongumnikazi wenkampani yabameli iBB Khumalo Attorneys, uthe sishaqisile isigameko sokudutshulwa kukaMnu Khanyile. “Esikhathini esiningi siyaye siyiphakamise indaba yokuthi kufanele abameli bahlinzekwe ngezokuphepha okungaba ngabaqaphi.


Ngiphakamisa nokuthi abameli banikwe ilungelo lokuhamba ngezimoto ezinamalambu aluhlaza. “Unzima kakhulu umsebenzi esiwenzayo. Lapha simela abantu emacaleni abucayi. Sidla imizi yabantu nezimpahla zabo.”Esikhathini esiningi, ufike ujabulise abantu enkantolo ngokwenza umsebenzi ngendlela elindelekile, emuva kwalokho abangagculisekile babhekane nawe ngqo. “Sinxusa ukuba uhulumeni usibhekelele singabameli,” kusho uMu Khumalo. Imizamo yeLANGA LangeSonto yokuthola amalungu omndeni kayiphumelelanga kuze kwashaya isikhathi sokushicilela. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule icala lokubulala. Akukaboshwa muntu. www.ilanganews.co.za

Previous articleUVusizwe Langa useshiyile kwaSABC
Next articleIChiefs ifaniswe nomlilo wamaphepha