Kubulawe uthisha nonina besolwa ngokuloya

289

PHUMLANI GAMA

BESEKUYISIKHATHI eside behlala ngokuzingelwa abesifazane ababili abadutshulwe babulawa emzini wabo eMthekwini, eHluhluwe ngezithuba zakusihlwa ngoLwesithathu. UNkk Sarafina Manqele (80) nendodakazi yakhe uNkz Busaphi Manqele (40) bangenelwe ngababulali abangaziwa abafike bangakhuluma lutho bavulela ngezulu lezandla bebhekise kubafi.

Kulesi sigameko kudubuleke nomfanyana oneminyaka ewu-16 okubikwa ukuthi udubuleke engalweni. UBusaphi wehlelwe yilo mshophi ngoba efike ekhaya evakashele unina njengoba isikhathi esiningi ubesichitha lapho abehlala khona ngenhloso yokusondelela umsebenzi njengoba ubenguthisha kwesinye sezikole zaseMtubatuba, iBhoboza Primary School. Kuthiwa ngoLwesibili bafikile ababulali begqoke izigqoko ezivala ubuso okuthe uma bebona ukuthi kayenzeki into abebeyihlosile babuyela emuva.

Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuba kugodlwe iminingwane yalo, liveze ukuthi ukubulawa kwamalungu alo mndeni kuhlobene nezinsolo ebezibhekiswe kuNkk Manqele obesolwa ngokuthi uyathakatha. “Kudala baqala ukukhuluma kabi ngogogo kuthiwa uyathakatha. Lezi zinkulumo bezikhulunywa zigcine sezibandakanya nayo indodakazi yakhe abulawe nayo, kuthiwa useyifundise umsebenzi wakhe wokuthakatha,” kusho lona.

ILANGA Lempelasonto likhulume noMnu Sabukusho Manqele oyinduna yendawo futhi oyilungu lomndeni oveze ukuthi lesi sigameko sishiye abantu abaningi beshaqekile endaweni. Uthe omakhelwane babafi baveze ukuthi bezwe ukuqhuma kwesibhamu okuthe kusenjalo kwabonakala kuphakama ilangabi lomlilo. “Ngithole umbiko ngezithuba zantambama ngokuthi sekudutshulwe umama nodadewethu lapha ekhaya. Kudala baqala ukumhlukumeza umama. Bebemthathela nezimbuzi zakhe. Abanye bazithathe ngenkani ngoba becuphe ulaka. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikhandla ukuze kuqinisekiswe ukuthi ababulali bayaboshwa ngoba benze isihluku esinyantisayo. Okubi kakhulu wukuthi ugogo ubehlala nezingane ezimbili okumanje sekuzoba nzima ukuphila kuzona. Udadewethu ubenguthisha esikoleni abefundisa kusona nakhona okusazoba nzima ukuchazela abafundi ukuthi ukuphi uthisha wabo,” kusho uManqele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseHluhluwe avule amacala amathathu okungelokubulala, elokuzama ukubulala nelokushiswa kwempahla. Uqhube wathi kusolakala ukuthi abasolwa abathathu bangene endlini obekuhleli kuyona izisulu ezineminyaka ephakathi kwewu-40 no-80 ubudala bangakhuluma lutho kunalokho bavulela ngenhlamvu bebhekise kubafi. “Izisulu ezimbili zishonele endaweni yesigameko. Umfana (15) udubulekile. Kabagcinanga lapho abasolwa njengoba babuye bashisa nendlu obuhleli kuyona izisulu. Uphenyo luyaqhubeka,” kuphetha uGwala.

Previous articleUVusi Nova nohlelo oluzoveza ngempilo yakhe
Next articleKayeneme i-EFF ngokuvinjelwa kwabaholi bayo kwiSONA