Kubulawe uthishaobezithwele obesandakuphunyelwa yizigidi

1190

Kuthiwa izinkabi zibe nengxongxo naye ngaphambi kokumdubula

NONHLAKANIPHO SHINGA

USHAYA amakhala umndeni ngokudutshulwa kubulawe indodakazi yawo ebinguthisha isanda kushada, inezinyanga eziwu 8 izithwele.
Ibulawa nje bekungakapheli ngisho unyaka ingenelwe yisamba semali esiwu-R3 million. UNkk Hlengiwe Zwane, uMa- Ngcobo (37), waseLovu, ubefundisa eSikhukhukhu Primary, eMbumbulu. Kuthiwa uhlaselwe “yizinkabi” ngoLwesihlanu ebusuku, eziqale zamvalela ekameleni zakhuluma naye ngaphambi kokuba zimdubule amahlandla amathathu zimbulale. Umndeni kaNkk Zwane uthi uhlaselwe abesilisa abangaziwa, abebengazifihlile ebusweni, abafike bavalela izingane zakhe emakamelweni, bamkhipha kwelakhe bayomfaka kwelinye lapho befike bamdubulela khona.


Ngokuthola kweLANGA, kuthe ngoLwesihlanu umndeni wakheuzihlalele ubuka umabonakude kwangena abesilisa abathathu, babuza ukuthi uphi ukhiye wemoto ebipake egcekeni yohlobo iToyota Etios. Indodakazi endala kamufi itshele abasolwa ukuthi kawukho, imoto ngekaninalume wayo uhambe nawo. “Ngesikhathi bengena ababili basale nathi, kwathi omunye wabo obebonakala kunguye ohamba phambili wadlula waya egunjini lokulala lapho bekukhona khona umama nodadewabo omncane. “Uhlangane nezingane ezincane ephaseji zabaleka zayongena lapho bekukhona khona umama sezikhala. Uzilandelile naye wangena lapho esephethe isibhamu,” kusho indodakazi kamufi esiligodlile igama layo ukuyivikela.


Ilungu lomndeni ebelikhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, esiligodlile igama lalo ukulivikela, lilandise leli phephandaba ngelikubonile. Lithi namanje uma kuthule lisamuzwa umufi ekhala njengoba lithi yiwona msindo eliwuzwe ngemuva kokuqhuma kwesibhamu okokuqala. “Kungene owesilisa wakhomba udadewethu ngesibhamu wathi ufuna yena. Umphendule ngokuthi akakwazi ukuhamba kahle njengoba ubesezoteta, inkabi ilule isandla ithi makabambele kuyona, amhola yayomfaka kwelinye igumbi obekungekho muntu kulona. “Baxoxe isikhashana, bekungazwakali ukuthi bakhuluma ngani, kuthe singazelele kwaqhuma isibhamu.


Ngaphambi kokuqhuma kwesibhamu ngicele inkabi le ebesisele isivalele ekameleni ukuthi bangasilimazi futhi bangambulali udadewethu, iphendule yathi bona kabababulali abantu besifazane,” kusho yena. Uthi kube sekuqhuma isibhamu amahlandla amathathu, le nkabi ebeyibagadile, yathethisa lona obedubula ukuthi kungani edubule udadewethu kukhona izingane. “Zibe seziphuma zilandelana izinkabi, sathi siyobheka safika evele eseshonile,” kusho yena.UNkk Zwane njengoba ebekhulelwe nje kuthiwa ubesetholile ukuthi uthwele ingane yomfana futhi abezoyibeletha ngomhla ka-16 kuNhlaba (May). Izinkabi lezi kuthiwa zithathe izingcingo zabebekhona endlini zavula nesikhwama sakhe umufi kodwa zangathola mali.


Leli phephandaba lixoxa nomndeni, kuvele ukuthi uNkk Zwane uke waba sengozini yemoto eyamshiya elimele kanzima umgogodla kwodwa wakwazi ukululama njengoba ebesekwazi ukuzihambela. Ngonyaka odlule uphunyelwe yisamba semali esingaphezulkuka-R3 million, eyisinxephezelo, wathenga umuzi abulawelwe kuwona. “Uthenge umuzi nemoto yohlobo lweCorolla, nokuthe emasontweni amabili edlule wathenga imoto yohlobo lweMercedes Benz Kompressor C 180,” kusho ilungu lomndeni. ILANGA liphinde lathola ngesihlobo ukuthi uNkk Zwane ubulawa nje ubekade eshada ngoZibandlela (December), kodwa yena nomyeni bese benesikhathi esingaphezulu kwenyanga behlala ngokuhlukana.


“UHlengiwe ubengaxoxi kodwa wangibikela ukuthi umkhwenyana wakhe babe nokungaboni ngaso linye base bekhetha ukuthi ake ayohlala kubo. Bengingakasitholi-ke isikhathi sokuxoxa naye ubuso nobuso angitshele ukuthi babangeni. “Ngelanga abulewe ngalo wangifonela ngabo-5:30 ntambama, engitshela ukuthi akaphilile futhi nasemoyeni akazizwa kahle kodwa futhi wangasho ukuthi kwenzakalani. Kakuphelanga nemizuzu ewu-30 sikade sixoxa ngangitshelwa ukuthi usebulewe,” kusho ilungu lomndeni. Umndeni wakhe uthi uzofihlwa kwaNgcobo lapho ezalwa khona. UNkk Zwane ushiye izingane ezine. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko, wathi bekungakaboshwa muntu nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleBASALE DENGWANE KUSHAIMIKHUKHU ESIPHINGO
Next articleBamgeza igilo abadlali bePirates