UKhune noBilliat kuthiwa bavivela oweTeam of Choice
SENZO SOKHELA
IZINDABA ezimnandi kubalandeli beKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi abadlali bale kilabhu abamqoka sebekulungele ukudlala.
IChiefs izobhekana neMaritzburg United kowe-Absa Premier-ship ngeSonto ngo-15h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba uthathwa njengomkhulu KwaZulu-Natal kwazise ngowokugcina wo-kuvala unyaka.
ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi umqeqeshi weChiefs, u-Ernst Middendorp uphithene ikhanda ngesinqumo okufanele asenze njengoba uKhama Billiat odlala esiswini no-Itumeleng Khune ongunozinti sebekulungele ukudlala.
Kuthiwa laba badlali bavutha bengabaselwe ejimini, bayakhombisa ukuthi bafuna ukuba
yingxenye yalo mdlalo.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi uJoseph “Tight” Malongoane odlala esiswini ubeyokhipha amabhawodi eqakaleni ekuqaleni kwaleli sonto kanti usajinyiswa yedwa.
Leli phephandaba lishayela uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, uthe: “Yebo bakhona bobabili kodwa kunohlelo oluyisipesheli abalwenzayo ngokucelwa ngumqeqeshi. Yilokho engingakusho okwamanje ngabo.
“Nokhoke umdlalo weMaritzburg siwulindele. Imimoya iphezulu kubadlali kanti bazimisele ngokuqhubeka nomgqigqo omuhle esihamba ngawo kwiligi.”
Ebuzwa ngoMalongoane, uvu-mile ukuthi ubeyoqaqa amabhawodi kodwa wathi ngeke abe yingxenye yomdlalo ngoba unohlelo naye afakwe kulo.
UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikazi weMaritzburg, uthi bashayekile ngalo mdlalo.
“Lo mdlalo usishayile, empeleni uvuna iChiefs. Imidlalo yethu yasekhaya sivamise ukuyigijima ngoLwesihlanu ebusuku, kuzoba nzima ngoba kasijwayele ngempela ukudlala emini kuphinde kuzoba yiSonto.
“Nabalandeli bethu nje bazothikamezeka ngoba izinhlelo bavamise ukuzenza ebusuku. Ngaphandle kwalokho kubuya izingwazi zayo zonke iChiefs. Kodwa ke siwulungele lo mdlalo, sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba,” kusho uKadodia.
Ube esenxusa abantu ukuba bathenge amathikithi ngokushesha.
“Sizodayisa amathikithi awu-12 000 kulo mdlalo, ngigcine kusathengwe awu-4000. Silindele ukuthi kushaye uLwesihlanu ekuseni esephelile. Siyacela kubantu ukuba baphuthume bawathenge, adayisa ema-computickets. Abiza u-R60 kuwona wonke umuntu.
“Nasemahhovisi ekilabhu ku-397 Victoria Street, eMgungundlovu nakhona ayatholakala,” kusho uKadodia.
Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe impelasonto iqhathwe kanje:-
KUSASA NGOLWESIHLANU
EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Cape Town City FC 20h00 (SS4).
NGOMGQIBELO
EPeter Mokaba Stadium: Baroka vs Stellenbosch 15h30.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Black Leopards 15h30 (SS4).
EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Golden Arrows 15h30.
ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Polokwane City 18h00 (SS4).
ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs SuperSport United 20h15 (SS4).
NGESONTO
EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Kaizer Chiefs 15h30 (SS4).
EDr Molemela Stadium: Bloemfontein Celtic vs AmaZulu FC 15h30 (SS11).