Kubuya ezenjabulo kwiChiefs

846

Anqobe womane amakilabhu amele elakuleli kweyeCaf

PHILANI NCALANE

UBERNARD Parker ube yisilomo seChiefs evalela amagoli amabili beguqisa iSuperSport United  ngo-2-1 koweligi izolo ngeSonto eLucas Moripe Stadium, eTshwane. 
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

KUBUYE izinsuku zenjabulo kwiKaizer Chiefs ihlula iSuperSport United ngo-2-1 emdlalweni we-DStv Premiership izolo ngeSonto kusihlwa eLucas Moripe Stadium, eTshwane.

Amagoli eziMpofana avalelwe enethini nguBernard Parker ngomzuzu ka-46 nangoka-49. EleSuperSport lishaywe nguNjabulo Ngcobo ngoka-48 okube wumkhonto ogwaze ekhaya. IChiefs ibinqoba okwesibili kulandelana njengoba inenebule iChippa United ngo-4-0 ngeledlule. 

IziMpofana ziphule irekhodi lokungehlulwa leSuperSport. UParker akawuqedanga lo mdlalo njengoba edonseke umsipha. Lo mdlali uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

IChiefs kayidlalanga kahle ngesiwombe sokuqala, kodwa kwesesibili ivukile emaqandeni.

Kungena eleChippa nje, kubukeka ziqonga izinkinga kuGavin Hunt ongumqeqeshi wale kilabhu ebambane neSwallows FC ngo-0-0 izolo ngeSonto ntambama eSisa Dukashe Stadium, eMonti.

IziNyoni kubukeka zinenkinga efanayo neyeChippa njengoba zingakayitholi imiphumela egculisayo. 

* IMamelodi Sundowns idlulele esigabeni samaqoqo ihlula iManiema Union yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngo-2-0 emdlalweni weCaf Champions League izolo ngeSonto eLoftus Stadium, eTshwane. Amagoli okunqobe ngawo iDowns avalelwe nguLyle Lakay noPeter Shalulile ngokwahlukana kweziwombe. La makilabhu abambane ngo-2-2 emlenzeni wokuqala ekuhambeni.

IDowns ijoyine AmaZulu FC nawo azibekisele indawo esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano ebambana neTP Mazembe yaseDRC ngo-1-1 ngoMgqibelo ekuhambeni.

* I-Orlando Pirates ihlule iDiables Noirs ngo-1-0 koweCaf Confederation izolo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto. Igoli leBucs lingqofelwe enethini nguHappy Jele. 

* Komunye umdlalo weConfederation Cup, iMarumo Gallants ihlule i-AS Vita Club yaseDRC ngo-3-2 sekuhlanganiswe imilenze emibili. .

* Imiphumela yeDStv Premiership: SuperSport 1, Chiefs 2; Chippa 0, Swallows 0; CT City 4, Arrows 3; Maritzburg 1, TS Galaxy 0.

* Imidlalo yeDStv Premiership ephakathi nesonto imi kanje:

NGOLWESITHATHU

EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs Marumo Gallants FC 15h30.

E-Ellis Park: Sekhukhune United vs AmaZulu 17h30.

NGOLWESINE

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Royal AM 17h30.

Previous articleUlwela ukuba abamnyama bakhule nomnotho
Next articleUcacisa ngenkundla yakhe uMaMkhize