Umqeqeshi ufuna balungise amaphutha ngeRichards Bay
SENZO SOKHELA
YIZINDABA ezimnandi ekhempini ye-Orlando Pirates ukubuya komdlali wayo omqoka ngaphambi komdlalo neRichards Bay FC weDStv Premiership ozokuba ngoMgqibelo ngo-20h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. IBucs izokuya kulo mdlalo izikhotha amanxeba njengoba iguqiswe yiSekhukhune United ngo-2-0 koweligi ngoLwesibili kusihlwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Nokho izindaba ezimnandi kubalandeli beBucs ngezithi u-Olisa Ndah, odlala emuva, obedonsa isigwebo samakhadi aphuzi, uzokhuza ibuya emdlalweni neBay.
UThabo Monyane odlala emuva yena ngeke abe khona ngenxa yekhadi elibomvu alithole emdlalweni wabo neSekhukhune. UJose Riveiro, ololonga iBucs, uthi kuzofanele balungise amaphutha abawenzile. “Senze inqwaba yamaphutha emdlalweni weSekhukhune kodwa konke lokho sekuwumlando. “Okufanele sikwenze wukuthi silungise amaphutha esiwenzile ngalo mdlalo weRichards Bay. “Kayikho ikilabhu elula kulesi sigaba, kuzofanele sisebenze ngokuzikhandla uma sifuna amaphuzu aphelele kulo mdlalo,” kusho uRiveiro.
Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ngale mpelasonto imi kanje:- KUSASA NGOLWESIHLANU ELucas Moripe Stadium: SuperSport Utd vs Sekhukhune United 19h30. NGOMGQIBELO EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Swallows 15h30. E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Richards Bay FC 20h00. NGESONTO ECape Town Stadium: Stellenbosch FC vs Kaizer Chiefs 15h30.