Kucasule umphakathi ukudedelwa kosolwa ngokubulala

188

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUSUKE isiphithiphithi ngoLwesine esiteshini samaphoyisa eHibberdene, ngesikhathi amalungu omphakathi egasela khona, efuna incazelo ngokudedelwa kukaMnu Lwazi Gumede (30) osolwa ngokubulala ilungu lenhlangano esiza umphakathi waseMthwalume, iNeighbourhood Watch. Kubikwa ukuthi amalungu eWomen of uMthwalume ngokubambisana naweNeighbourhood Watch, agasele esiteshini samaphoyisa ngoba engeneme ngokudedelwa kukaGumede osolwa ngokubulala uMnu Themba Ndlanzi (osesithombeni), owagwazwa wabulawa ngoZibandlela (December).

UNdlanzi kuthiwa wabulawa ngesikhathi yena nozakwabo bevinjezelwa ngumsolwa nabangani bakhe, beqhuba isigebengu esasiyokhomba lapho esadayisa khona impahla esasiyebile. Kulesi sigameko kwalimala kanzima namanye amalungu eNeighbourhood Watch.

Mhla zizine kuZibandlela ngonyaka odlule, ILANGA labika ngalolu daba.

Amaphoyisa abopha uGumede, ogcine ededelwa yinkantolo ngoLwesithathu ngenxa yokungatholakali kobufazi. Lokhu kuwathukuthelise kakhulu amalungu omphakathi, iWomen of uMthwalume naweNeighbourhood Watch, anikela esiteshini samaphoyisa efuna izimpendulo.

Umthombo weLANGA obukhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, uthi into ecasule kakhulu umphakathi wukuthi kunenqwaba yofakazi okubalwa nabalimala, ababhalisa izitatimende emaphoyiseni ezikhomba uGumede njengombulali.

Ilungu leNeighbourhood Watch elalikhona kubulawa uNdlanzi – elicele ukugodlwa igama lalo – likuqinisekisile ukuthi bayile esiteshini samaphoyisa beyofuna incazelo ngokudedelwa kukaGumede. Lithi kugcine kuvunyelwene ngokuthi bazobhala izitatimende kabusha, udaba lwabo lwedluliselwe komunye umphenyi.

“Siyakholwa wukuthi kube nobudedengu kumphenyi wecala,” kusho leli lungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala elavulwa. Wathi lihoxile okwesikhashana, amaphoyisa asaqhubeka nophenyo lwawo. 

Ukuqinisekisile nokuthi amalungu omphakathi ayile esiteshini samaphoyisa eHibberdene eyobuza ngalokhu. 

I-NPA ithunyelelwe imibuzo ngalokhu kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba ingakabuyeli kuleli phephandaba nezimpendulo.

Previous articleUbhekene nobunzima odinga umnikelo wesibindi
Next articleUShabba nenselelo kwabakwaMotaung ngeChiefs